Ngicela incazelo yalesaga esithi “Ababulali benyathi balala ucwayimbana”?
Lesi saga saqanjwa kudala zingakabibikho izibhamu ezishaya into ebuqamama ziyilahle phansi. Phela ukubulala inyathi kwabe kungumsebenzi onzima odinga isibindi namandla.
Phela izinyathi zivamise ukuhamba zibe umhlambi. Abazingeli bazo babezilalela unyendle ikakhulukazi ngasemfuleni lapho ziphuza khona amanzi. Izinyathi amanzi zivamise ukuwaphuza ngovivi ekuseni lingakaphumi ilanga. Angithi ebusuku zesaba amabhubesi ngoba azingela kakhulu ebusuku. Nasemini izilo ezinjengezingwe nezimpungushe azizibekile phansi zifuna ezizothiba ngakho iphango. Ngakho ke isikhathi esicishe siphephe yiso lesi sasempondozankomo. Manjeke abazingeli bezinyathi bona kumele basheshe bafike kusathatha ukusa baqale bazihlele bazilalele unyendle zingakafiki. Ziyothi ziqambe zifika sebezilindile kakade emzileni wazo. Leyoke abavumelana ngayo bayayithelekela bayenze isilo sengubo bayihlabe umshubo ingaphenduki…
Ababulali benyathi kushiwo abazingeli bezinyathi, kanti ucwayimbani kushiwo amazolo. Kususelwa kuwo amaphisi uma elele unyendle ngasemfuleni emzileni wezinyathi bezilindile baze balalele okusamazolo. Sizokhumbula phela ukuthi kuyabanda ngasemfuleni okusho ukuthi sebebonakala ngocwayimbana noma ngalawo mazolo ukuthi yibo ababulali bezinyathi, leyanto esamazolo esuke ilalale kubo yiyo efaniswa nobucwayimbane. Umzekelo, uma kuna lemvula okuthiwa ngamathe ezimpukane bese kugcwala ekhanda nasezinkopheni kwenze umuntu kubesengathi usempunga, nabakhapheli benyathi balala ucwayimbani.
Sichazani lesi saga?
Sichaza ukuthi abenzi bokubi babonakala ngokuthile noma babonakala ngombala. Phela ababulali bomuntu omkhulu ofaniswa nenyathi abakutholi ukuphumula babonakala ngokwethuka izanya. Kunjalo inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula.
Kunabantu abazenza izilima kodwa bebe behlakaniphile. Ubobaxwaya abantu abanjalo.