Ngicela incazelo yalesaga esithi “Abantu abayi ngandawonye bengemanzi”?

AMANZI – Lapha kukhulunywa ngoketshezi lwemvelo okuyilona oludlala indima enkulu emvelweni, kubantu, izitshalo nezilwane. Yilona olwakhe ulwandle nemifula. Amanzi awusizo kakhulu ngoba yonke into ephilayo emhlabeni iyawadinga amanzi ngoba ayaphilisa ngokuwaphuza.
Mawubheka umfula mangabe amanzi ehamba abheka ngalapho umfula uya ngakhona ngeke uzwe ngelinye ilanga kuthiwa umfula wawushona ezansi manje usubuyela emuva okanye usuhlukene kabili olunye uhlangothi luyehla olunye seluyanyuka.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni
Imibono yabantu inokwenzeka ibe nakho ukuhluka akubona bonke abantu abayobona njengawe okanye bavumelane nawe.
Bonkhe abantu angeke bavumelane ngento eyodvwa, iyahlukana mibono
Abantu abayi nganxanye bengemanzi