Ngicela incazelo yalesaga esithi “Akukho sihlahla siguga namagxolo aso”?
Lesi saga sisuselwa ekutheni abantu babuka indlela isihlahla esiqathaza ngayo amaqabunga aso uma kuqala isikhathi sasokwindla. Amaqabunga namagxolo amadala ayawa, bese kumila amasha uma kuqala ukwindla. Ngakho-ke abantu basemandulo babona indlela isihlahla esenza ngayo base beqamba isaga. Inhloso yokuqamba lesi saga kwabe kuwukuqhathanisa impilo yomuntu ngokwezigaba zokukhula kwakhe. Uma umuntu ekhula kukhona izinto ekumele aziyeke, ukukhombisa ukuthi usekhulile. Kukhona nezinto angasakwazi ukuzenzela ngenxa yobudala, ezifana nokugijima ngejubane eliphezulu, ukubona into ekude njalo njalo. Lezi yizinto ezifica wonke umuntu osekhulile. Umuntu osekhulile utholakala engasakwazi ukwenza izinto njengesikhathi esemusha.
Lesi saga esithi ‘akukho sihlahla siguga namagxolo aso’. Lesi saga
singaphinde sibhalwe kanjena: ‘asigugi namagxolo aso’ noma asikho isihlahla
esiguga namagxolo aso’, kepha incazelo yaso ayishintshi.
kuchaza ukuthi akekho umuntu oguga nemisebenzi yakhe mayeguga ugcine esehluleka ukwenza ayekwenza esemusha, Kususelwa esihlahleni masiguga amagxolo ayawa, sithi siwa nje abe esengekho.