Ngicela incazelo yalesaga esithi “Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba/Akukho zinyane lemvubu ladliwa yingwenya kwacweba isiziba”?
Yini Ingwenya?: Isilwane esihlala emanzini nasemhlabeni kodwa sigxile kakhulu emanzini. Siyisilwane esiyingozi esinokujikela kwasani okusemanzini sikusobozele.
Yini Imvubu?: Abanye bayibiza ngehhashi lasemanzini, iyatholakala emanzini nasemhlabeni kodwa iphila kahle emanzini. Idle ngobukhulu bomzimba nomlomo odle ngobubanzi isilwane esizothile kodwa esinolaka.
Ngenxa yokuthi lezizilwane zitholakala emanzini zombili kuyenzekake Ingwenya izithole isilambela ezinyaneni(Okuyingane) leMvubu. Imvubu ke ngike ngasho ukuthi ukuthula kwayo kufana nolaka lwayo, makwenzekile ingwenya yadlalela ngakuyona kubaleka ngisho ofishi ngenxa yempi esuke ikhona.
Lesaga sichaza ukuthi ungamsukeli umuntu umenzakalise ucabange ukuthi kuzophela kanjalo ngoba naye unabakubo abangamlwela nawe ungazithola usenkingeni.
Kusho ukuthi ngeke kwenzeke into kuthuleke nje kungalandelwa ukuthi kwenzeke kanjani. Isibonelo ngeke ngishawe omunye umuntu kuphele kanjalo kuyoliwa lapho.
Lesisaga sichaza ukuthi mangabe wenze umuntu kabi ngeke kuthuleke nawe bazokuthola phela nalowo muntu unabakubo. Sisuselwa esenzweni seMvubu. Uma izinyane layo lidliwe iziNgwenya kusuka enkulu impi ngoba iMvubu iyalwa kudungeke iziziba.
Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
awukwazi ukona ilunga lomdeni othize bese ucabanga ukuthi bazokuyeka abakubo