Lesi isaga savela ngemva kwesehlakalo esabakhona phakathi kweLembe noGcugcwa kaNcameni wakoNzama. UGcugcwa ubengomunye wabantu ababekhandela uZulu imikhonto bese ebhadalwa ngezinkomo. Kubekhona isikhathi lapho iLembe elaphuza ukubhadala uGcugcwa, kwabangela ukuthi uGcugcwa eyathumba ezinye inkomo zeLembe wathi yizo ezizobhadala izikhali zakhe. Lokhu kudale ukuthi kuyolandwa uGcugcwa. Ngesikhathi iLembe lihlanganisa amehlo noGcugcwa, lithe kuye “Sesiphinde sabonana Gcugcwa”. UGcugcwa ubheke iLembe emehlweni waphendula wathi “Amabonabonane nawe bazokubona abanamehlo”.
Le nkulumo ithuse ababekhona ngoba bekubonakala ukuthi uGcugcwa akesabi futhi uqalekisa iLembe. Lesi sehlakalo sibe ngundabamlonyeni sase saguqulwa saba yisaga esithi “Amabonabonane okwashiwo uGcugcwa”. Lesi isaga sishiwo uma kusongelwana. ILembe libone inkulumo kaGcugcwa njengendelo, lase lithi uGcugcwa makayolaliswa esibayeni anyathelwe zinkomo njengoba ubethumbe inkomo. Ulaliswe esibayeni kwaqhutshwa umhlambi wenkomo owamnyathela waze washona.
Lesi saga siphinde saduma kakhulu ngemva kokukhothama iLembe ngoba kukhona ababethi isiqalekiso esasibangelwe nguGcugcwa yiso esadala ukubulawa kweLembe. Kwesinye isikhathi uma insizwa isihlukana lentombi ebithandana nayo iyaye ithi kuyo “Hamba ntombi bayokubona abanamehlo”.
Le nkulumo ithathelwa emazwini kaGcugcwa lapho ethi kuShaka “.. bazokubona abanamehlo”. Lesi sisho siyisiqalekiso noma siwusongo ngoba insizwa yabe ichaza ukuthi ifisa leyontombi ithandane neqili elizoyenza into yamehlo…