IGEJA – Lapha kukhulunywa ngomphini ohlanganiswe nothayela oyisqeshana odle ngokuqina osiza ekukhwebuleni okanye ukubhudula umhlabathi.
UMLIMI – Lapha kukhulunywa ngomuntu osebenza emasimini ohlakulayo aphinde abe ngumtshali.
Qaphela: kuyenzeka ube ngumlimi ngenxa yolwazi onalo ngezokutshala kepha ungakaze waphatha igeja kwazise esikhathini esiphila kusona sekwasebenza ogandaganda ukulima noma izinkomo. Phambilini ukulima kwakusebenza abantu ngamageja. Zisekhona ke izindawo ekusadliwa ngoludala khona.
Sisho ukuthi lesisho: Amageja mangabe elingene abalimi kusuke kuchazwa ukuthi okukhona kwanele umnikazi okanye abantu ababaliwe wena osecelene angeke wakwazi ukusizakala noma ukuthola.
Uma sikhuluma ngokuthi amageja alingene abalimi sisuke sisho ukuthi noma ngabe yini lena obhekene nayo amandla akho alingene nayo. Lesaga sicishe sifane nalesi esithi “Akukho Ndlovu yasindwa umboko wayo” okusho khona ukuthi inkinga obhekene nayo ngeke ikwehlule ngoba eyakho kumele ubhekane nayo ngqo!