Ngiyabingelela,ngicela incazelo ngamasiko akwa Mbatha lapho kuvela ingane nalapho kulotsholwa sekuzoshadiswa
uchwepheshe Answered question January 9, 2021
Amasiko lapho kusuke kuvele ingane.
- Uma kuvele ingane, ikakhulu eyokuqala ihlatshelwa imbuzi yembeleko khabo nina.
- Ingane ihlatshelwa imbuzi noma inkomo ukuyibika kumaThongo ukuthi bayamukele.
- Ifakwa isiphandle, uma kungeyesilisa esandleni sokudla kanti uma kuyintombazane esandleni sobunxele.
- ukuze umshado ubusiseke kahle kufanele kube nengane ikakhulu eyomfana ukuze iqhubekise ulibo lwalapha ekhaya.
- Kwaphela iminyaka emibili umakoti engazange akhulelwe kuyiwa kofuna kwababonayo noma odokotela, uma kungalungi kuzanywa ngenye indlela.
uchwepheshe Answered question January 9, 2021