Ngicela incazelo yalesaga esithi “Ayikho inkomo yobuthongo”?
UBUTHONGO – Lapha kukhulunywa ngokuzumeka okanye ukuzizwa engathi ungazithola usugoba amadlanga.
INKOMO – Lapha kukhulunywa ngesilwane esinemilenze emine esidle ngokuphakama esikhonzwe kakhulu KwaZulu ngenxa yokuba nesisindo sayo. Mangikhuluma ngesisi sindo ngisho ukubaluleka ngenxa yemisebenzi yaso.
Phambilini imali ingakakabi bikho inkomo bekuyiyona ebiyenza izinto zenzeke. Ukusebenza kwakho umvuzo noma umuklomelo bekuyinkomo, njengoba kuthiwa ayikho inkomo yobuthongo kuchaza ukuthi wawungeke uphiwe nkomo ngokulala kwakho.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Angeke izinto uzithole mangabe uzohudula izinyawo, impilo engcono iyasetshenzelwa.
kusho ukuthi impumelelo iyasetshenzelwa, angithi uma usebenza kanzima uyaphumelela uthole izinto ezinhle uma ulala ngeke uthole lutho, uma ususebenzile uthi nazi inkomo zami zigcwele isibaya kodwa mawulala ngeke uthole nkomo.