Bengifisa ukwazi ukuthi ibhalwa kanjani incwandi yobungani?
Anonymous Answered question November 5, 2021
INCWADI YOBUNGANI
Uthole itoho lokusebenza ngezimpelasonto esitolo esiseduze nomuzi kagogo
wakho.
Bhalela ugogo wakho incwadi ucele indawo yokuhlala ngezimpelasonto
ukuze ube seduze nalapho uzobe ubambe khona itoho.
Nakhu okufanele ukuqhaphele encwadini yakho
- Iba nekheli elilodwa lobhalayo.
- Ikheli lihamba nosuku. (31 Mfumfu 2019, 31 Okthoba 2019)
- Isibingelelo asiveze ubuhlobo noma isithakazelo, isibonelo:
Gogo/Khulu/Ngcolosi - Isingeniso: siba sifushane. Asikhombise ubuhlobo obukhona phakathi
kwababhalelanayo/nenhloso. - Umzimba: umayelana nokucela indawo yokuhlala ngezimpelasonto ukuze
asondele etohweni alitholile. - Isiphetho: kumele ohlowayo avalelise, angaveza ukuthi uyathemba ugogo
wakhe uzokwazi ukumnika indawo yokuhlala okwesikhashana. Khonza
kubo bonke ekhaya. - Valelisa ukhombise ubuhlobo, isb. Yimina umzukulu wakho
uLwazi
QAPHELA: Asifakwa isibongo esivalelisweni.
admin Changed status to publish January 13, 2021
Bengifisa ukwaz ibhalwa kanjani incwadi ephuma kubokantombazane bephendula ababokamfana mayelana namalobolo
Slindile Answered question November 5, 2021
Ibhalwa kanjani incwadi yomngani wakho umtshele ngezifundo zakho
Sabza Answered question October 12, 2021