Uma usibheka lesi saga ngale kokujula kokugigiyela kwaso, sisithola singasho lona iqiniso. Icala yinto esingakwazi ukuyibona ngamehlo futhi engakwazi ukwenza izinto ezishiwo lapha. Sisho phela ukuba nezandla zokuphakamisa ingubo zifake icala ngaphansi kwayo. Kanti uma sesisibheka ngokobunkondlo lesi saga siyabuthola ubuhlakani obunembayo bokuthi inkathazo awuyimemi uzithola sewungene shi kuyona ungalindele. Ubuciko besaga bungase bungefani nobunjalo baso.
Vezi Answered question May 7, 2021