Lenkulumo edumile ethi “Ikhaba abayisengayo” iqhamukaphi futhi isho ukuthini?
Lesi saga sisuselwa kuyo inkomazi, kungaba isigqala noma insengwakazi yakwenu. Ngokwencazelo yesaga, lapha kusuke Kubatshazwa ulaka Iwabantwana abakhuliswa budedengu, labo bantwana imvama bakhula benolaka kanti yindlela abakhuliswe ngayo ebenza babe nolaka.
Ukusengwa akuyona into emnandi enkomeni kodwa iyabekezela. Inkomo ngeke uthi uyayazi futhi ingumngane wakho ngoba ihlala iyisilwane njalo. Lokhu kufakazelwa ukuthi iningi lezinkomo liyaboshwa uma lisengwa, lokhu okukhombisa ukuthi isengwa ngenkani ingathandi. Kumqoka kabi ukuthi oyisengayo inkomo akhe ubungane nayo, yingakho nje umsengi okhaliphile ethi ukuyinwayanwaya inkomo emibeleni ngaphambi kokuthi ayisenge. Usuke enzela ukuba imphathe kahle nayo ngoba uma ingabhilita, kungashunqa uthuli manje lubheke phezulu, akhale ubumayemaye isimkhabile futhi ishoshele kuye ngezimpondo.
Inkomo ebhaxabulwa njalo nayo igcina ingenamngane ngoba yazi ukuthi isibhaxu yiyona ndlela yokuphila. Kanjalo nezingane ezikhuliswe kabi ngokushaywa, zigcina zinolaka njengempatho okusuke kuphathwe ngayo Ienkomo engadli nkobezamuntu. Induku iyakha kodwa qaphela ungabi newala ngoba izingane ezikhuliswe ngayo ziyoyibheka njengendlela yokuphila…