Yini le ekukhulunywa ngayo la?
Lapha kukhulunywa ngenkomo.
Ize ikhothe enye kwenzenjani?
Inkomo imvamisa mayizinwaya isebenzisa ulimu, ishoba kanye namanqina. Kuyenzekake uthole ukuthi ayifinyeleli kahle iyabe isicela uzakwabo lo etholana naye ukuthi ayisize ke ayikhothe sakuyinwaya leyondawana ebabayo.
Ukukhothana kwezinkomo kungaphezu kokunwayana nje kuphela kepha kuhambisa nokuqinisa ubudlelwano nokuveza uthando, akugcini lapho ngoba ngisho enye igula kodwa ukukhothwa kwenza le egulayo izizwe kangcono.
Kuyenzekake kube khona ethatha amashansi ifune ukukhotha engayikhothi yona ilapho ke la ibe isiyifaka khona iSpin Kick.
Sisho ukuthini lesaga empilweni?: Umuntu akasize omsizayo ongamsizi naye akangazixaki ngaye.
admin Selected answer as best July 6, 2021