Ngicela incazelo yalesaga esithi “Imiphanda ibulawa izakhelani”?
Umphanda kwabe kuyimbiza enkulu ehlala exhibeni, le mbiza isetshenziswa uma kuphiswa utshwala ngokuvamile, ukuthululela kuyo noma ukuqungela kuyo. Yayiphandelwa emsamo ibe nesizingelezana lapho izohlala khona. Ngokuvamile babembalwa abantu abanayo endaweni.
Ngakho ke kwakubolekwana ngele mbiza. Kwakuthi nobani nobani ogayile ayoboleka uMphanda kulowo muntu onawo, kumbe kumakhelwane wakhe. Ngokubolekiswa kanjalo wawugcina sewufa uMphanda, beseke abantu betekela bethi “Umphanda ubulawa yizakhelani”.
Incazelo yesaga:
Umuntu uyaye acekelwe phansi yilabo akhelene nabo noma kube ngabangane abathambekele ekuphizaneni.
Ukwakheka kwesaga: IZAKHELANI
Izakhelani ezingenawo umphanda, ngenkathi zilokhu ziwuboleka kuMakhelwane onawo, kuyenzeka ngephutha ugcine sewufa. Ngoba usetshenziswa ngabantu abaningi
Ngicela incazelo ukuthenga ilala Kanye neyokuthi ukumba umbulule
Lapha kugxiliswa umqondo wokuthi ngabantu abahlangene ngobungani
abavamise ukulimaza abantu. Abantu abangasondelene abakwazi
ukwakha itulo lokulimaza abanye emindenini. Yila maqoqwana avama
ukudala izingxaki, izinxushunxushu, iZinkinga notavatava olungadala
ukuhlephuka phakathi kwemindeni.