Iqhina yinyamazane ehlakaniphe kakhulu, ingajahwa lize liyozilahla kunina ingabanjwa. Futhi izinja ziyephuka ziphele. Iqhina lijabula life uma libona izinja zishaye ujenga zililandela, libe selikekela ligijime lenze indilinga ukuze zishayisane ngamakhanda. Kwenye inkathi liyajika liphambane nazo. Manje lokho kusinda kweqhina ezinjeni njalo nje, impunzi iyaye iphatheke kabi bese idala icebo lokhuthi libanjwe nalo.
Iyaye ikhamele unyembezi lwayo lapha emasimbeni eqhina, bese iqhina liyahuda libe buthakathaka, nakanjani uma kuqhamuka kusenalo, limane lingakwazi ukugijima lishiye izinja njengenjwayelo, bese liyabanjwa ekugcineni.
Yingakhoke kuthwa impunzi iyathakata. IMICIMBI yilento esezansi kwamehlo empunzi emnyama ethe dwi. Uma impunzi ikhamele leyonto ethuvini eqhina liyagula kwenye inkathi lize life. Abanye bayibiza ngokuthi “umnyama wempunzi”.
Lesi sagake sichaza ukungethembeki okwehlula ukwenza ukuba umuntu athathe icala lakhe alibelethise umuntu omsulwa. Wunya lolu olwesabekayo, lokhu kuyacacisa ukuthi kungaze kudale ngisho udungunyane nembedumehlwane. Kuyefana nokubheca umuntu ngobubende inyama engayidlanga.
Lapho kusuke kushiwo umuntu oziphungela ngokuthatha icala lakhe alesulele kwabanye abantu.
Lapha kusuke kuveza ukungethembeki okwehlula ukwenza ukuba umuntu athathe icala lakhe alibelethise umuntu omsulwa.