Yini imvakazi futhi yini umsebenzi wayo?
Mabuza Changed status to publish July 9, 2021
isembozo sobuso, yenziwa ngobuhlalu obumhlophe benhlanhla nobuhlalu obubomvu obumele uthando. Phela intombi iyathanda lapho iyogana khona, bubomvu ke ubuhlalu inhliziyo igcwele uthando. Leli isiko lokuhlonipha. Umakoti ufaka imvakazi ebusweni ukuze angababuki ngqo abantu basemzini kodwa ababuke ezikhaleni zemvakazi.
Anonymous Answered question April 21, 2021
Ngezikhathi zethu umakoti wayefaka imvakazi ebusweni ukuze angababuki ngqo abantu basemzini kodwa ababuke ezikhaleni zemvakazi. Leli kwabe kuyisiko lokuhlonipha. Imvakazi yisembozo sobuso, yenziwa ngobuhlalu obumhlophe benhlanhla nobuhlalu obubomvu obumele uthando. Phela intombi iyathanda lapho iyogana khona, ubuhlalu obubomvu bumele ukuthi inhliziyo igcwele uthando.
Menzi Answered question April 21, 2021