AbakwaBhengu( abakwaNgcolosi)..
AbaNguni behlukaniswe ngezigaba ezinhlanu. Kukhona aMantungwa Nguni,2 AbeNguni baseMbo, 3 AbeNguni baseButhonga, 4 AMalala noma AmaNhlenga Nguni**, kanye naMaDebe Nguni..
Abantu bakwaBhengu(Ngcolosi) bawela esigabeni esibizwa ngokuthi ngaMaLala noma AmaNhlenga Nguni.
Abantu bakwaBhengu bayazalana nabantu bakwaLuthuli. Babakhe eduze nomfula Amandlalathi ngaphansi kweKranskop.
Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka kaSenzangakhona babebuswa nguMmepho kaNgwane kaLamula kaNgwabini. Kuthiwa abantu bakwaBhengu(Ngcolosi) babona abantu bakwaMchunu kanye naBaThembu bebaleka uShaka, kwathi abakwaNgcobo nabakwaMkhize bona basheshe bazinikela kuShaka. Lokhu abantu bakwaBhengu bakubona kungobukhulu ubuhlakani ukuzinikela. Lokho kwaba ukuziphephisa kwabo olakeni lukaShaka, bahlala ngokuthula ngaphansi kwephiko likaShaka kwaze kwaphazamiseka ukuthula kwabo ngesikhathi sekubusa uDingane owayengafuni nakuzwa nje ngabantu ababezwana noma bengabangani bakaShaka.
Kukhona kodwa abanye besizwe sakwaBhengu bona abazimbandakanya naMaChunu naBaThembu babaleka kanye nabo, baze bafika ezweni laMaxesibe. Kuthiwa ngesikhathi behamba laba bantu badundubala intaba uMbombo,ngakwaNtunjambili. Bathi ngesikhathi bekhuphuka beqwala le ntaba izinhliziyo zabo zabe zisele emuva becabanga abahlobo babo ababashiye emuva. Kuthiwa babebonakala bedangele. Ngenxa yokuthi bangaMalala, kwathiwa bajalile okungukuthi bajabhile. Kwasekuthiwa bangabakwaJali.***(laba bantu ilaba abaziwa manje ngokuthi bangabakwaJali)**
Bahamba namaXesibe baze bayofika eMzimkhulu. Ngenxa yokuhlaselwa nguDingane basuka abantu bakwaBhengu bayokwakha eduze naMaqadi kanye naMaphephethwa. Bakhe endaweni manje eyaziwa ngokuthi kukwaNgcolosi. Bakhe eduze nezimfunda zoMngeni phezu komfula uMqeku..
…………………………………………
Ukwelamana kwabakwaBhengu!!
UNgcolosi wazala uShongololo owazala uLusibalukhulu(Ngwane 1)
ULusibalukhulu wazala uDlabazane.
UDlabazane wazala uBhengu owazala uNgwabini.
UNgwabini wazala uLamula owazala uNgwane2.
UNgwane 2 wazala uMmepho.
UMmepho wazala uNkungu, uSijongo** kanye noFaku.
USijongo nguyena ozala abakwaJali.*
UNkungu wazala uHlangabeza.
UHlangabeza wazala uMathole , uSidanga kanye noMpisiyenduna.
UMathole wazala uMmemezi nabanye.
UFaku yena wazala uNdlokolo
Owazala uShopho noVika.
…………………………………..
Izithakazelo zakwaBhengu!
Ngcolosi,
Wena kaDlabazane, kaNgwane, kaNephu, kaLamula
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngalala,
Shongololo
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze.
Nyawo zeShongololo kaziphumuli.
Sigamphu
Ngwane, ingwani ngwadi
Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
Jali
Nina enilala nomunwe endunu,
Nivuke nikhwif’ilanga
Mmemezi kaHlangabeza
Ngcolosi!!
………………………………………..
Izithakazelo zakwaJali!
Jali,
Sijongo
Phumela
Ngcolosi
Ngiyakuthanda kakhulu ukwazi Imvelaphi yasekhaya komama kwaBhengu kanye nomlando ngokuzalana kwabantu nakhona ukusuka koJali kuza koNgwane.kanjalo kanjalo nje.Ngisemncane kodwa ngifisa ukwazi lukhulu ngomlando wakithi.