Umlando WamaNdelu
(L)UMLANDO WESIZWE SAMANDELUABANTU BAMASHINGA, NDELU BOHLELA, BLOSE, MNOMIYABANGAMALALA ALALA NOMUNWE ENGQUZA AVUKE EKUSENIKWACISH’ILANGA.Isizwe sakwaNdelu sidabuka kwaZulu . Esikhwebezi phakathi kweMfoloziemnyama neMhlophe, eGcalabeni lapho saphuma kuqala endlini enkuluyakwaNGCOBO ekuthiwa NYUSWA. Saqala ukugqama ngesikhathi siholwaINKOSI uMTHOLO, wayezalwa uSIKHUBA kaLEMBE.Sehla njalo ngohologo sibheke eNingizimu lapho safika sagoba amadlangalaenhla nomfula uMvoti, emathafeni aseSithundu, lapho namhianje kusesiteshisesitimela esibizwa ngeMaNdelu. Kulesisikhathi lesisizwe sasibizwangoNdelu I. Saqhubeka salibhekisa eNingizimu sigudla uLwandle nase ndaweniyakwaMaphumulo ngokubizwa kwanamhlanje. Lokhu kwenzeka ngesikhathizamakhosi uMAGADLELA-MNCONE-JELE , emnyakeni kusukela ko 1610kuya ko 1770. Ngesikhathi seNkosi uShaka amaNdelu ayesefudukile eMvotiehla elibhekise eNingizimu. Nokho izimpi zikaShaka zazihlasela kodwaaziphumelelanga ngoba sasikwazi ukuphosa imikhonto sikude. Sagcinasesibizwa NGOMAPHOSELA KUDE.Njengesizwe esasinamabutho avame ukwaziwa ngokuthanda utshwala ,namabele siwalima, Inkosi uShaka wenza isu lokusinqoba . Inkosi yajubaamakhosikazi ukuba agaye utshwala. Nempela zacwila izinsizwa zakithiezimbizeni. Kwathi isinyathela abantwana kwanzima ukuthi amabutho amaNdeluabhekane naweNkosi uShaka. Sanqotshwa kanjalo-ke bonke ababezingwazikanye neziqhwaga abangabulawa kodwa balethwe eNkosini uShaka. NempelauMagcuku owayebusa ngaleyonkathi balethwa eNkosini uShaka. Yathokozakakhulu INkosi uShaka ngokuthunjwa kwabo.Kuthe sesikhukhula silibhekise eNingizimu omunye umndeni kaShinga kaNdelusekuhanjwa bathi abanye uma bethi asambe baphendula ngokuthi “QHA thinakasikahambi sisatakubhuya amabele ethu” baphendulwa kwathiwa”Nowabhuya yawo mabele enu nize niwose” Kwase kuthiwa uBHUYUWOSEngokushesha kolimi uBHULOSE noma uBLOSE. Basala -ke kwaMaphumulo ,bagcina sebehambisana nabantu bakwaNtuli.Phela uNdelu I wayeganwe kwaNtuli, uMajojebela (MaNtuli) owaye