AbakwaButhelezi!!!!!
Uma kukhulunywa ngendawo yaseMcakweni kanye naseMpembeni, eMaqungebeni kanye neBabanango,kukhulunywa lapho ngemingcele yezwe lakwaButhelezi. Isizwe sakwaButhelezi singesinye sezizwe ezindala lapha lakwaZulu. Imvelaphi yabo iyefana neyoMalandela. AbakwaButhelezi bangaMantungwa Nguni aqhamuka enhla nezwe, yikho lokhu abanye bethi bangaBeSuthu.
Ngesikhathi elakwaZulu libuswa nguSenzangakhona kaJama——–elakwaMthethwa libuswa nguDingiswayo kaJobe, kwaButhelezi kwakubusa uPhungashe indodana kaQwangubana. Kufika esikhathini nje sikaPhungashe kade saba khona isizwe sakwaButhelezi. Umlando wabo usukela kuShenge idlozi labo elikhulu owayephila ngabo1640. Noma isizwe sakwaButhelezi ngezikhathi zoPhungashe sazimele kodwa ekugcineni ngezinye zezinsika zombuso wobukhosi bakwaZulu .
Okunye okugqamisa isizwe sakwaButhelezi ukuthi isona uShaka asihlasela kuqala.. Isigcwagcwa sikaPhungashe kuShaka kwaba ukuthi uShaka athole esekwaMthethwa ukuthi uPhungashe ufukamele izinyane likaSenzangakhona eliyomlandela ebukhosini bakwaZulu uma esekhotheme yena uSenzangakhona. Lowo phela kwakunguBhakuza indodana kaSenzangakhona ayithola kuMaButhelezi. Kwathi ngempi yakwaMthethwa neyakwaButhelezi , uShaka yena wayevive kweyakwaMthethwa.
Ukuya kukaShaka kule mpi kwakungukuyoziveza ukuthi uliqhawe kanganani nokuthi ayobulala uBhakaza owayesendleleni yakhe ebheke ebukhosini bakwaZulu. Nangempela wafa-ke uBhakuza ebulawa nguShaka. UPhungashe akumphathanga kahle ukufa kwengane kaDadewabo. Naye waqala lapho ukubuka uShaka ngeso lenzondo. Yingakho nje uPhungashe ayejwayele ukubiza uShaka ngomfokazane kaDingiswayo, okwakuyikumeyisa impela.
Wayengakuthandi ke uShaka ukwehliswa isithunzi,yingakho waphinda wayohlasela abakwaButhelezi okwesibili, wabanqoba wabafaka ngaphansi kombuso wakhe wakwaZulu.
Uma sibheka ekuzalaneni kwabantu bakwaButhelezi kunendidana kancane, ngoba indlu eyayingagqamile kangako yiyona eyagcina ithathe ubukhosi bakwaButhelezi.
Ukwelamana kwabakwaButhelezi!!
UShenge uzale uMageba.
UMageba yena wazala uQwangubana noNyathi.
UQwangubana wazala uMevana , uPhungashe kanye noCole..
UPhungashe yena uzale uLubisi , uMtshubhana kanye noMsicwa.
UMtshubhana yena uzale uMalahle…
UMsicwa yena uzale uMandulo..
Lezi yizindlu zikaPhungashe. Khona lapho kwakunendlu kaShenge encane evela kuMageba indodana yakhe, uyise kaQwangubane. Le ndodana kwakunguNyathi..
UNyathi yena uzale uNduvana noMlambo..
UMlambo wazala uMvulana.
Yena wazala uNgqengelele.
UNgqengelele wazala uMnyamana.
UMnyamana wazala uTshanibezwe noMkhandumba.
UTshanibezwe wazala uMathole.
UMathole yena uzale uMangosuthu (uMntwana wakwaPhindangene) okunguyena obusayo namuhla.
Izithakazelo zakwaButhelezi!!!
Shenge,
Sokwalisa,
Phungashe kaQwangubana.
Mnyamana kaNgqengelele,
Sondiya,
Mnandingamondi,
Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
Nina zinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi nanganye nangambili…..
Abantu bakwa Buthelezi abahlobene nhlobo nabakwa Khumalo kodwa enye yamakhosi akwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele, waganwa amakhosikazi amathathu. Ababili bokuqala kwakungabase MaNtungweni ngoba kwakungu MaKhumalo beno KaMabaso bese kuba ilona-ke wesithathu engingamazi ukuthi wayengumabani. Lamakhosikazi ayehlala enxiweni elilodwa elagcina libizwa ngokuthi kuseMaNtungweni ngenxa yokuthi kwakugane lamakhosikazi amabili angamaNtungwa. Kuvela kanjalo-ke ukuthi bangamaNtungwa abantwana abazalwa kwaButhelezi kulomuzi wasemaNtungweni ngenxa yokugana kwalezintombi zakwaMntungwa ezimbili ezagcina ziqanjelwa umuzi wazo ngokuthi kusemaNtungweni.
Shenge wena waseMcakwini indaba yobukhosi benkosi uPhungashe iyasinda ukukhuluma ngayo, ngoba emva kokuba isilo uShaka eseyehlulile inkosi yakithi eMcakwini kwabe sekusizakala indlu encane uNqengelele wabe esedla ifa lasendlini enkulu. Cha ngiyaye ngithi uma ngicabanga nginosizi ngimncome isincoma kanjani uNqengelele ngithi cha wasebenza futhi wasebenzisisa eqeda ngomlando wase ndlukulu eMcakwini ufakazi walokho umlando wendlu enkulu awuveli kahle, futhi abantu abaningi uma bethakazela umuntu wakwaButhelezi bathi Mnyamane kaNqengelele wena waseKushumayeleni. Indaba yenkosi uPhungashe ayaziwa ngoba yacindezelwa indlu encane. Ngiyaye ngizibuze umbuzo owodwa vooo uma ngijulile ukuthi “KAZI INKOSI UPHUNGASHE UMBHEKA KANJANI UNQENGELELE LAPHO BEKHONA ???????? NGOBA ISIZULU SITHI IFA LAKWENYE INDLU ALIDLIWA KWENYE INDLU!!!!!! Ngiyama lapha wenakaMevana akangakanani ungentende nomkhonto ungahlala ngoba wahlala kuZulu……… Ibinde inkosi ayiqedwa…….
Shenge Sowalisa!
AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!
Abantu bakwa Buthelezi Shenge
Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.
Izithakazelo zakwa Buthelezi
Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!