Abantu bakwa Dladla kusengabantu base ma Mbatheni. Phela u Dladla uzalwa u Ndaba ka Sontshikazi. Inkosana yomndeni kwabe kungu Mbeje abe eselanywa u Dladla yena owelanywa u Shandu. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yamaMbatha uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona uMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. KoMsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.
ake sibalamanise abakwa Dladla:
U Dladla wazala u Mphemba, Mgabadeli, Mhlophe, Gadlela no Dwala.
U Mgabadeli wazala u Kweyama no Mathenjwa.
U Mhlophe wazala u Nonjiko no Kolotshana,
U Kweyama wazala u Vezi,
U Vezi wazala u Mnembe,
U Nonjiko ka Mhlophe wazala u Noshevu no Jobha,
U Jobha wazala u Nolenge,
U Noshevu wazala u Madanyini, Ngobeza, Nkenke, Lukhoso no Gxaza,
U Gxaza wazala u Nompontshela, Mzongolozi, Mxhayi nabanye,
U Nompontshela wazala Muzikayifani, Mkhululi, Bonginkosi nabanye.
Ulibo luka Mgabadeli, Mphemba, Gadlela no Dwala asikalutholi ngokuphelele sisaqhubeka nokufunisisa. Singajabula uma kukhona onolwazi alubhale lapha ngezansi kuma-comments.
Izibongo zama-Dladla
Mgabadeli, Mphemba, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…
Izibongo zama-Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo
Izibongo zama-Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha.