Izithakazelo zakwaDube nomlando wemvelaphi yabo
Khushwayo!
Habane,
Mbuyazi,
Maqhama!
Mbonambi,
Mbuyaz’ ongakhathalele bafokazana odume ngezinxuluma
Umlando uthi:
KuNdaba owabe aziwa ngokuthi nguDube kwaphuma kuye abantu bakwaMbuyazi okungabantu ababodwana kanye noDube.
Kanti uma sesibabeka ngokwezigaba zabo zesizwe samaNguni bangamaLala-Nguni.
UNdaba emndenini wakubo wayemncane ngokulamana, yena wayelama uMbonambi. Indlela ekwabelwana ngayo umbuso akubanga enohlevane nenempi phakathi kodwa bahlanganisa amakhanda njengamadoda kwase kuvunyelwana ukuthi uma sebehlukana, kwaba ukuthi ikhohlo maliyobusa ngaseMhlathuze. Kuthiwa ke lapho uma besitshela ukuthi laphaya kwaMthethwa ngesikhathi kubusa iNkosi eyayinodumo nogazi nesasasa ekubumbekeni kukaShaka, iNkosi uDingiswayo, laphaya kwaDube kwabe kubusa uKhushwayo, bengaphansi kobukhosi bakwaMthethwa.
Kwathi noma sekubusa iSilo uShaka, iLembe KwaZulu, ubukhosi bakwaDube babe bulokhu bungaphansi kwaso, futhi kasibahlaselanga. Ngaleso sikhathi owayesesihlalweni sobukhosi bakwaDube kwabe kunguNzwakele kaKhushwayo wakhona kwaDube. Kuthe emuva kokuba kukhothame iLembe, bonke laba abebengabangani balo bahlaselwa yisilo uDingane ngoba esaba ukuthi kungenzeka ukuthi bafune ukuvukela umbuso wakhe bamhlasele.
Kwabe kuyimpicabadala ke ngoba noNzwakele wangena kulologibe lokubulawa yiSilo uDingane, kwathi enye yamakhosikazi kaNzwakele eyayikhulelwe yathathwa nguNqoboka wakwaSokhulu (Mthiyane) wayomfihla ezama ukumphephisa yena nengane esazozalwa. Wazala indodana yethiwa igama kwathiwa nguHabane. Wabe eseqhubeka nolibo lakwaDube. Kwathi iSilo uDingane lapho sesehluliwe, leyondawo uMpande wabe eseyibuyisela kwabakwaDube ngoba phela iSilo uDingane sabe sesithe mayibhekwe nguMadlebe kaMagedeza wakwaZungu esuka eMpaphala. UHabane wabe esezala uMntungelezana noGudu.
Khona kulaba bantu bakwaDube kuphuma abantu bakwaHlekwayo abaphuma kuNtaba wakhona kwaDube.
Kukhona abanye futhi oDube abazithakazela ngoMtima. Bona ke bayatholakala laphaya koMpumalanga naseZimbabwe. Bona bahamba noMzilikazi kaMashobana wakwaKhumalo. Babehamba besala endleleni, futhi naseLimpopo bakhona. Bonke basaphuma khona kwaDube owabe ezalwa nguMbuyazi.
Nakhu ukwelamana kwabo njengozalo:
Balandelana kanjena, uMagayiya wazala uShangila, yena wazala uTabane owazala uDonda, uDonda wase ezala uMbuyazi omkhulu. UMbuyazi nguye ke owazala uNdaba obizwa ngoDube, yena owazala uNdlovu, uNdlovu (leli igama ayi ukuthi isibongo sakwaNdlovu siphuma kulomlando) wazala uBayisa, uBayisa yena wase ezala uMphuma, kwathi uMphuma wazala uShenge (naleli futhi igama lozalo akusho lutho ngesibongo sakwaButhelezi), yena wazala uSoduko owazala uMgwabini yena wase ezala uKhushwayo, uKhushwayo wazala uNzwakele, uNzwakele yena wase ezala uHabana lo okunguyena owazala uMntungelezana noGudu.
Bese kuba nendlu yaseGobandlovu:
UMntungelezana wazala uMagemegeme, uMagemegeme wazala uMbati wazala uMxoleleni okumele ngabe uye usasebukhosini kodwa usamisiwe kwase kubamba uBonginkosi Chili.
“source : https://www.ulwaziprogramme.org/izithakazelo-nomlando-wabantu-bakwadube/”
Dube mtima ngemazomba ngemasibekela wena owasibekela inkhosi ngelutfuli nibasempatseni bayihlengela bayifihlele bantfwana netinkhomo nine bakacandza lengwe lihleti emtfolweni lashiya banikati bemtfolo bamangele nine bamshiyi wetindlu tingakavalwa nayowakha ma up stairs
Dube is a zulu word for a zebra which is part of origion the black and white stripes of the animal represants unity and strength
Ngabe uMbuyazi No Dube kwahlukana kuphi ngoba sekunesbongo sakwa Mvuyazi esithatha kwa Dube
Dube mtima nyamatane,malambule, mzomba wamasikebela ngokusikebela inkosi ngothuli,nina benkosi nenkosazana yamatima,Kwasuka Dludlu wayohlala eNkalakatha(umfula lo)gwedla mnguni sifinyelele embili,amaphosa kubekwa amazila gazi nasentendeni yesandla ayahlala. SingamaSwati originally from eSwatini.
Umlando wakwa Dube
Abantu bakwaDube batholakala eNingizimu yesiswe sakwaMbonambi eduze nolwandle. Phela lezi zizwe zihlobene kakhulu. Indawo yabo enkulu iseduze komfula uMhlathuze, ikakhulu emngeneleni wawo uMhlathuze. Kuthiwa ngesikhathi sokubusa kukaKhushwayo, abantu bakwaDube bazinikezela embusweni woGodongane woYengo(inkosi uDingiswayo), kwaze kwathi noma sekubusa iLembe(inkosi uShaka) bazinikela kuye ukuze baphephe. Lokho kwenza ukuthi noma sekubusa uNzwakele, kodwa isizwe sakwaDube sasisakhosele ephikweni likaShaka.
Abantu bakwaDube baqale ukuba nenkinga ngesikhathi sokukhothama kwenkosi uShaka, lapho uMbombosh’omnyama(inkosi uDingane kaSenzangakhona) waqala khona ukuzingela bonke abantu abayizihlobo zeLembe. Phela uVemvane olumabala azibhadu(uDingane) ilona olwadla uNqetho wakwaKhuzwayo, lwadla uZihlandlo wakwa Mkhize. Ngokubaleka kwabantu bakwaCele(bebalekela ulaka lukaDingane), uMningi(wakwaCele) owabuya wayesakha umuzi waseMandlanzini, kwaze kwavela isizwe saseMandlanzini, noNzwakele wangena kulolo zungu lukaDingane, wabulawa nguye uDingane. Kwase kungukuqala kwalo usizi lwabantu bakwaDube. Ngoba baphoqeleka ukushiya izwe labo bawele uThukela, babe yimihambuma.
Kwathi uma uDingane esefuna ukubulala aqede abantu bakwaDube, ngenhlanhla eduze kwesizwe sakwaDube kwakukhona uNqoboka wakwaSokhulu, owanele wakuzwa lokhu wase ethatha omunye wondlunkulu bakaNzwakele owayekhulelwe wayomfihla kwakhe. Kwathi ekufeni kukaNzwakele umkakhe wathola umfana uHabane, okunguyena owaqhuba ulibo lwabantu bakwaDube. UNqoboka kwakungomunye wezihlobo zikaShaka owayesenqamukile ukuvakashela kwaZulu ngoba umhlobo wakhe uShaka wayesekhotheme, sekubusa isitha sakhe uDingane. Kuthe ukuba uDingane ehlulwe nguSimayedwa njengeLanga(inkosi uMpande kaSenzangakhona), wabaleka waze wayofela ezintabeni zoBombo. Ukhothama nje abantu bakwaDube wabahlakaza bagcwala izwe lonke. Iqoqwana labo lalakhe laphaya ngaphesheya koThukela kwaMandelu,eNyakatho nomfula uMvoti.
Ekufeni kukaNzwakele uDingane wathatha umngani wakhe wakwaZungu obizo lakhe linguMadlebe, indodana kaMgedeza, owayakhe eMpaphala ngaseNtumeni eShowe. Wabuye wathumela enye indoda yakwaZungu ukuba izoba yiso lakhe elibheke loMadlebe, ukuthi ulibheke kahle yini izwe lakwaDube, uDingane ayeselidlile. Lo kwakunguMahuhulo waseMahlabathini. UMahuhulo wabulawa nguMpande. Kwathi izinto sezimi kakhe kubusa uMpande kwezwakala ukuthi uNqoboka ufihle inkonyane kaNzwakele. La mahebezi ayeziwe ngumntwana uCetshwayo, ngoba ezwa ukuthi uHabane ucishe wabulwa yinyathi kuzingelwa, wasinda ngokuba alale phansi, yase imdovadova ngezinyawo.
Bacela ukuba uNqoboka alethe uHabane kubo, uma ngithi kube ngiqonde iNkosi uMpande kanye nomntwana I’Mamba yeVuna eyeth’ukuvuka yadl’abakayise”(uCetshwayo kaMpande). Walethwa-ke ngempela uHabane, wemukelwa kahle, kwathiwa akayokwakha endaweni yakwaDube, kodwa yena kathandanga, wafuna ukuyozihlanganisa nabantu bakubo ngaphesheya koThukela, kwaMandelu.