OHlophe basuka ESWAZILAND, bafike bangena ngaphansi kobukhosi baKwaZulu bakhonza ngaphansi kweSilo uMpande kaSenzangakhona. Ngenxa yezimpi ngonyaka we-1881, abakwaHlophe bebeholwa nguMswanyana kaGajula, kaSondo owele uThukela walibangisa eNdwedwe. Kuthe sebewele uThukela uMswanyana wakhothama, base beholwa yiNkosi Nhlanganiso efike yaphumula oThongathi ngaphansi. INkosi Nhlanganiso ithume uMantingwana – okungumfowabo omdala ngokuzalwa kodwa ongowasekhohlo ukuthi afune indawo abazokwakha kuyona. UMantingwana uthole indawo yakwaNkumba-Nyuswa ngaphansi kweNkosi uDubeyana Ngcobo. Kuthe befika kule ndawo, kwaba khona ukungaboni ngaso linye kuMantingwana neNkosi uNhlanganiso. INkosi uNhlanganiso ifune izinkomo ezilobole udadewabo, uNomakloba ezidliwe nguyise kaMantingana, ithi makazikhokhe. Ngaleso sikhathi uMantingwana ubengamele umhlaba ngaphansi kweNkosi uShozi. Ubuze kumfowabo ukuthi kungani amkhokhise izinkomo ezingadliwanga nguyena ekubeni yena emtholele indawo ehle. Lamazwi kaMantingwana enze ukuba uNhlanganiso ayidube indawo yaseMangangeni wakha imizi yakhe eHangane, eNkungwini, eNomathiya naKwaDingiza. INkosi uNhlanganiso ikhothame ngonyaka we-1882 kwabamba uMkhuzo, ebambele uMbango kaNhlanganiso. UMbango ukhothame ngonyaka we-1939, uZwelibansi kaMbango uhlale esihlalweni sobukhosi. UZwelibanzi ukhothame ngonyaka we-1947, kwabamba uNobongwe ebambele uMzingelwa ogule ngengqondo ebekwa esihlalweni sobukhosi, okugcine sekubamba uMvemve. Umndeni kuthiwa ugcine uthi uMvemve makabekwe njengeNkosi. Esekhotheme uMvemve ngonyaka we-1987, kubambe uGobodisa ebambela uBongani Vukani kaMzingelwa obefihliwe. Esekhotheme uGobodisa kuphinde kwabamba uKumakwakhe ngenxa yokuthi ubengakabuyi uBongani kaMzingelwa. UBongani kaMzingelwa ubuye wabekwa esihlalweni sobukhosi ngonyaka wezi-2000. UBukhosi basendlini enkulu kaHlophe bume kanje: uHlophe uzale uSondo, uSondo uzale uGajula, uGajula uzale uMswanyana, uMswanyana uzale uNhlanganiso, uNhlanganiso uzale uMbango, uMbango uzale uZwelibanzi, uZwelibanzi uzale uMzingelwa, uMzingelwa uzale inkosi ebusayo eNdwedwe uBongani. Endlini yasekhohlo esale eMangangeni uMantingwana uzale uMahlathini, uMahlathini uzale uNdukwana, uNdukwana uzale uNzolothi noBafana. uBafana uzale uGodlani (Godlumkhonto). Izibongo eziphume kwaHlophe nguMteshana, Goge noMhlophe. Izithakazelo: Hlophe, Sameya (Samela), Thumbeza, Izintombi zenda ngonyezi ezabafokazana zenda ngobumnyama, Wena kaMyeni, kaSondo, kaGajula!
Imvelaphi nomlando wesibongo sakwa Hlophe
Xolani Hlophe Answered question January 26, 2022