AbakwaBhengu( abakwaNgcolosi)..
AbaNguni behlukaniswe ngezigaba ezinhlanu. Kukhona aMantungwa Nguni,2 AbeNguni baseMbo, 3 AbeNguni baseButhonga, 4 AMalala noma AmaNhlenga Nguni**, kanye naMaDebe Nguni..
Abantu bakwaBhengu(Ngcolosi) bawela esigabeni esibizwa ngokuthi ngaMaLala noma AmaNhlenga Nguni.
Abantu bakwaBhengu bayazalana nabantu bakwaLuthuli. Babakhe eduze nomfula Amandlalathi ngaphansi kweKranskop.
Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka kaSenzangakhona babebuswa nguMmepho kaNgwane kaLamula kaNgwabini. Kuthiwa abantu bakwaBhengu(Ngcolosi) babona abantu bakwaMchunu kanye naBaThembu bebaleka uShaka, kwathi abakwaNgcobo nabakwaMkhize bona basheshe bazinikela kuShaka. Lokhu abantu bakwaBhengu bakubona kungobukhulu ubuhlakani ukuzinikela. Lokho kwaba ukuziphephisa kwabo olakeni lukaShaka, bahlala ngokuthula ngaphansi kwephiko likaShaka kwaze kwaphazamiseka ukuthula kwabo ngesikhathi sekubusa uDingane owayengafuni nakuzwa nje ngabantu ababezwana noma bengabangani bakaShaka.
Kukhona kodwa abanye besizwe sakwaBhengu bona abazimbandakanya naMaChunu naBaThembu babaleka kanye nabo, baze bafika ezweni laMaxesibe. Kuthiwa ngesikhathi behamba laba bantu badundubala intaba uMbombo,ngakwaNtunjambili. Bathi ngesikhathi bekhuphuka beqwala le ntaba izinhliziyo zabo zabe zisele emuva becabanga abahlobo babo ababashiye emuva. Kuthiwa babebonakala bedangele. Ngenxa yokuthi bangaMalala, kwathiwa bajalile okungukuthi bajabhile. Kwasekuthiwa bangabakwaJali.***(laba bantu ilaba abaziwa manje ngokuthi bangabakwaJali)**
Bahamba namaXesibe baze bayofika eMzimkhulu. Ngenxa yokuhlaselwa nguDingane basuka abantu bakwaBhengu bayokwakha eduze naMaqadi kanye naMaphephethwa. Bakhe endaweni manje eyaziwa ngokuthi kukwaNgcolosi. Bakhe eduze nezimfunda zoMngeni phezu komfula uMqeku..