AbeSwazi:
-Kubhala u-Mthabisi Mtha Ncube :
Inkosi eyaqala ukuhlanganisa isizwe samaSwazi ngokubambisana nezinye izizwe ezinkulu nezincane nguSobhuza 1. Izizwe ezabambisana noSobhuza wokuqala ngesikhathi kwakhiwa isizwe samaSwazi beziholwa yilaba abalandelayo; Mhlanga, Madonsela, Mavuso, Thwala, Ngwenya, Sihlongonyane, Nkonyane noManana. Ekufikeni kwakhe uSobhuza wafaka abakwaMaseko ngaphansi kombuso wakhe, bona(oMaseko) babeholwa nguCece kaKhubonye kaMagadlela.
Ngemva kwalokho uSobhuza wakha ubuhlobo nabantu bakwaMnisi bona babeholwa nguNjinji kaMantsholo.Zonke izibongo zamaSwazi ziphuma kwaBaMbo-Nguni namaThonga-Nguni.
AMASWAZI NGOKWENDABUKO
Dlamini, Ginindza, Magongo, Mhlanga, Mavuso, Madonsela, Manana, Mkhabela, Shongwe, Kunene, Mathe, Thwala, Mathebula, Mdluli, Nzimande, Ntshalintshali, Gamede, Lukhele, Fakude, Mndebele, Ngcaphalala, Nkonyane, Bembe
AMASWAZI AMAKHANDAMBILI
Gama, Magagula, Maziya, Maseko, Khubonye, Shabangu, Shabalala, Maphosa, Mnisi, Gwebu
AMAFIKAMUVA-Abesuthu
Nkambule, Nhlengethwa, Mathunjwa, Mngomezulu
AMAFIKAMUVA-AbeNguni
Mkhatshwa, Nxumalo, Nzima, Dladla, Hlatswayo, Sibande, Mabasa, Masuku, Mvubu, Zikhali, Biyela, Msimango, Sibeko, Vilakazi, Nyoni, Masilela, Nkala, Nsingwane
AbakwaManana bangamaCusi. Ziningi ke izibongo zabantu abangamaCusi, ikakhulukazi eSwatini naseNyakatho yesifundazwe saKwaZulu Natal. Indabuko yabakwaManana kuthiwa ikumhlaba oseduze nomfula uMkhondo (Mkhondvo River) endaweni yaseBuseleni kulendawo esayaziwa ngokuthi iseSwatini manje. Lapha bathi ookhokho babo babeyingxenye yombuso wabeSuthu. Bathi abanye abeSuthu uma besuka kuleyandawo, basala bona ngemuva balibusa leliyazwe. Babakhelene kanye nezinye ezizwe kuleyandawo. AbakwaMaseko nabakwaNkambule kungabanye abantu ababekhona kulendawo ngalesiya sikhathi. Asikawatholi amakhosi abakwaManana angaphambili kukaNdzinisane. U-Ndzinisane ngenye yamakhosi ayebusa ngaleso sikhathi. Yena wayakhe endaweni yase-Shiselweni. U-Ndzinisane wazala uKholwane. Emuva kwesikhathi elibusa uKholwane kwafika isizwe esasinamandla kunalaba bakwaManana. Leso sizwe sasiholwa yiNkosi yaso uSomhlolo. Leso sizwe sasaziwa ngokuthi ngamaNgwane, lawa okuthiwa ngamaSwazi manje. AbakwaManana kuthiwa bavuma kalula nje ukukhothamela u-Somhlolo. Emuva kwaloko wabatshela ukuthi bakhethe noma imuphi umhlaba ongomunye abawuthandayo lapho beyohlala khona. Nangempela ke bakhetha indawo esezintabeni lapho izizwe zabeSuthu zazakhe khona ngaphambi kokuthi ziwushiye loya mhlaba. u-Kholwane wazala uMafihlo owazala uMafilalo owazala uMashila. Ulibo lamakhosi akwaManana – Ndzinisane – wayebusa besakhe e-Shiselweni. Mholwane – kwakunguye iNkosi ngesikhathi sokufika kukaSomhlolo nesizwe sakhe samaNgwane. ye Mafihlo – Mashila