Umlando wakwaMsomi
Abantu baseMasomini basuka kubantu bakwaQwabe. Kuthiwa enye indoda yakwaQwabe yawela umfula uThukelangaphambi kokuba kuwele abakwaKhuzwayo nabakwaMakhanya isuka eNtumeni lapho babehlala khona kuqala.Kuthiwa babakhe ngasemsukeni womfula iNonoti, endaweni okuthiwa kuseSidumbini. Inkosi yalaba bantukwakunguMbhedu noma uNomndayi ngonyaka we-1777. UNomndayi wazala amadodana amabili, uGwayi noMoyen.UGwayi wazala uNkuna. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka, uNkuna uyena owayebusa eMasomini. Kwaba khonau kungezwani phakathi kukaNkuna noMoyeni. UMoyeni waqoka ukuba ahambe nomndeni wakhe eyohlalangasoThukela. Zabuye zasuka futhi izimpi, wagcina esezinikele kulo iLembe uNkuna. Inkosi uShaka yamvumela uNkuna ukuba aqoqe izinsalela zesizwe sakhe abuyele ekhaya. UNkuna wazala uMbhecwa owasinda ezimpiningonyaka we-1852. UMbhecwa wazala uMasende esingazange sizwe lutho ngaye. Njengamanje abantu bakaMbhecwa batholakala eMkhomazi. UNkuna kaGwayi kaMbhedu wabulawa yiLembe ngosuku olulodwa noSokoti wasemaNgangeni noMande wakwaCele ngesikhathi bakhe eSidumbini.UMoyeni kaMbhedu yena wazala amadodana amabili, uSingila noMeyiwa. Kuthiwa-ke ngelinye ilanga inkosi uMoyeni seyifuna ukubeka inkosana noma indlalifa eyobusa uma yona seyikhotheme, yenza umncintiswano. Kuthiwa yabulala inkomo yase iyikhipha zonke izitho njengokujwayelekile. Ikwenza konke lokhu kayitsheli muntu isu layo, ngishonezinduna zayo. Kwathi izitho sezibekiwe, yase ibiza amadodana ayo amabili ayefuna ubukhosana kanye nomakhelwane ukuthi kuziwe kulomsebenzi ozokwenziwa. Kuthe umsebenzi ungakenziwa inkosi uMoyeni yahamba wayohlebela inkosana yakwa nkosikazi omncane ukuthi uma inkomo isihlatshiwe ayokhetha luphi uhlobo lwenyama. Lafika ilanga lomsebenzi yahlatshwa inkomo. Abizwa womabili amadodana amadala waqala ngale eyakwa ndlunkulu ukuthi mayikhethe inyama. Yaya imagange yifaka yasika umlenze, bayibuza ukuthi iyona inyama ayikhethayo yini? Wavumela phezulu umfana. Kwase kubizwa indodana yankosikazi omncane nayo kwathiwa ayikhethe. Yakhetha umhlubulu (izimbambo) ithe isikhethile inyama kwakikizwa.
Ubaba wabo wababiza wawatshela ukuthi ngoba unkosana wandlunkulu ukhethe umlenze, uyakhishwa esibongweni sakwaMsomi usezoba owakwaMeyiwa. Bakhishwa kanjalo egcekeni banikwa inxiwa labo. Kwathi inkosana kankosikazi omncane yona yasala ekhaya. Inyama umhlubulu, inyama ephethe konke okusesiswini amathumbu, izimbambo nakho konke okungaphakathi . Inkosi yathi kuSingila,“Uyabona wena ngoba uthathe ubambo, uthathe inyama esemqoka kunazo zonke izinyama ngoba ivikela izitho ezibucayi zibe zisesemqoka empilweni yomuntu. Okusho ukuthi awuhehwanga inyama eningi njengomfowenu kodwa uthathe ubambo olungenanyama ngoba ucabanga ukuthi lusemqoka, ngokuvikela izitho ezibucayi. Okusho ukuthiuyokwazi ukuvikela isizwe esithi sintekenteke kodwa sibe sisemqoka enhliziyweni yakho. Ngakho nguwena okufaneleube yinkosi ekukhothameni kwami.” USingila wathatha isikhundla sobukhosi sikayise kwathi uMeyiwa yena washiya umfowabo wahamba nabantu bakhe sekungabakwaMeyiwa.USingila wakha umuzi wakhe phansi kwezihlahla ezazizalela izinyoni ezaziwa ngokuthi ngamasomi. Kwase kuthiwakuseMasomini. Ngakho-ke bonke abantu bakaSingila kwabe sekuthiwa ngabaseMasomini. Amasomi/amansomi izinyoni ezimnyama ezigqize ngombala osawolintshi ezindiza zibe ningi ndawonye. USingila wayehlala ezansi nomfulauThongathi ngesikhathi evakashelwa umlungu owayebizwa ngokuthi u-Isaacs ngowe-1826.
Kunesikhathi lapho ubukhosi bakwaMsomi bake baphathwa amakhaladi kodwa isizathu asaziwa. Yikho lokhu okudale ukuthi umlando wobukhosi bakwaMsomi ungalandelekikusuka enkosini ebusayo kuze kuyofika kuSingila. UHarry Ogle yiKhaladi lokuqala elaba yinkosi yaseMasomini. Uharry wakhothama mhla we-10 Disemba 1945. Kwabe sekubamba uMzilate emva kukaHarry kwaze kwaba ubukhosibuthathwa nguNorman Ogle.
Omunye uMsomi esizwa ngaye uKude owayezalwa uGoba kaSingila owaya kokhonza enkosini uZihlandlo wasEmbo.Wahlala ngokuthula lapho uKude kwaze kwaba inkosi uDingane ibulala uZihlandlo. Babe sebebaleka behla baze bafikangaseLovu ezansi nomfula, kwaze kwaba kufika amaBhunu. Babuye basuka oKude nendodana yakhe uMahawulebebheke ngasemfuleni uMlaza lapho bafike bakhelana nabaseMangangeni. Babe sebeholwa uHhomoyi kaMahawulebebheke ngaseNingizimu yomfula uMlaza.Abantu bakwaMsomi namhlanje sebetholakala ezindaweni eziningi ezahlukene. Kukhona abaseMbumbulu,kwaDweshula, eMhlabashane, eZwelibomvu, eMangangeni, eNsimbini eSayidi, kwaNomageje endaweni yakwaBhekaningaseNhlangwini okuyikomkhulu lenkosi ebusayo manje emaSomini
AbasemaSomini kwaNomageje
Uma kulandwa ngamaSomi akwaNomageje kuthiwa ayeholwa nguNyawose, yena owazala uMkhothwane, uMkhothwane wazala uNdaba, uNdaba wazala uSongabase, uSongabase wazala uMamuni, uMamuni wazalauMadlanga okuyiyona nkosi okuthiwa yafikela kwaNomageje. Kuthiwa inkosi uMadlanga wayekhonze kakhulu ukulima.Kuthiwa asikho isithelo esasingekho komkhulu emaSomini. Isithelo esaba siningi kakhulu kwaba amawolintshi. Lokhukufakazelwa nayinduna yenkosi yakwaMsomi uZibokwakhe Msomi naye ohlala khona kwaBhekani. Uthi nje besakhulababedla wona amawolitshi akomkhulu. Uthi kwakunezihlahla zekhethelo ezazinamawolitshi ayengadayiselwa abantu.Komkhulu kwase kwaziwa ngokuthi isEmawolintshini.
AbaseMaSomini eZwelibomvu
Abantu baseZwelibomvu, esigodini saseMasomini abaqondisisi kahle ukuthi ukhokho wabo, uNyamazane uzalwa ngubani. Kodwabahlawumbisela kuHhomoyi, ngoba nedlinza lakhe likhona eZwelibomvu kulesi sithombe esingezansi yize noma lingabonakali kahle idlinzalakhe ezihlahleni. Abantu okwaxoxiswana nabo bathi bavela kuNyamazane, yena owazala amadodana amabili uNgikhathele noMethusi.UNgikhathele wazala amadodana ayisithupha: uBhekumuzi, uMbheki, uMveli, uQambokwakhe, uVelaphi noMandlenkosi. UMethusi wabanamadodana amahlanu awazala koMaShozi amakhosikazi akhe amabili. Amadodana akhe uSidumo, uMshazi, uThemba, uMakhelwanenoBhekezakhe. Akukuningi okwatholakala eZwelibomvu ngaphandle kokuthi izinsizwa zakhona zingamasoka amanyala. Zidume nangokulwanolaka olukhulu. Abasukeli muntu, kodwa uma uke wabasukela uphuma nyovane endlini, belapha! Badume nangejadu kanti futhibangamaciko.
AbaseMaSomini eGroutville
Indawo yaseGroutville eyayaziwa ngokuthi uMvoti ngaphambi kokufika kuka-Aldin Grout eyabe seyiqanjwa kabushaemva kwakhe idume kakhulu ngamaqhawe afana nenkosi u-Albert Luthuli noJohn Langalibalele Dube.
Abantu abadumile baseMaSomini abatholakala kule ndawo ngabakwaNxaba nabakwaMzoneli. UNxaba noMzonelibabeyizelamani zakwaMsomi, bafika eGroutville ngeminyaka yowe-1840 bezosebenza ku-Aldin Grout besukaeNkandla. Baba ngabanye babantu abangena evangelini belandela uGrout. Ngesikhathi befika lapha kwabe kukhonaubukhosi bakwaGumede nobakwaDube. Bathi ukugoba amadlangala endaweni eyayibizwa ngokuthi kuseNkukhwini. Lendawo yayingekho esimweni esihle ngoba yayinodaka. Bagcina sebehlala eGroutville. UNxaba noMzoneli babezalwanguMdleyane Msomi owayeganwe nguMaMkhize. Basebenza-ke oNxaba noMzoneli kuGrout wagcina ebathengeleamapulazi omoba khona eGroutville. UNxaba waganwa nguMaSmith owabe engumlungu waseMelika. UMzoneli yenawaganwa uMaNsele.UMzoneli Msomi waba namadodana amathathu, inkosana kwabe kunguMlondolozi. UMlondolozi waba namadodonaamane uMartin, uZakaria, uFakazi noBayi. Abantu bozalo lukaMlondolozi babe sebezibiza ngoMzoneli owabeengukhokho wabo kuze kube yinamuhla. Kuthiwa uMartin noFakazi yibona abalanda u-Albert Luthuli ukuba azobainkosi yabantu baseMakholweni ngoba babengajabule ukuphathwa uMqwebu futhi yayingafuneki inkosi engafundilenephuzayo. ULuthuli-ke wabe efundile futhi elikholwa. AbasemaSomini eGroutville badume ngemfundo nangenkolo,kanti nomnotho futhi banawo njengoba benamapulazi kamoba. Ngaphezu kwalokho banendawo yabo abangcwabelakuyo amalungu abo omndeni. Indawo yaseGroutville inomlando omuhle uma kuza odabeni lomhlaba ngoba abantubavunyelwa ukuba bathenge imihlaba futhi bazibandakanye kwezenkolo. Yinto ebonakalayo-ke lena kubantubasemaSomini.
Izibongo ezihlobene nesakwaMsomi
Qwabe
Gasa
Meyiwa
Hlombe
Nyawose
Mzoneli
Nxaba
Izithakazelo
Nomndayi,
Singila,
Hlombe,
Meyiwa omalala ngokulala bavuka bakhomba ilanga,
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola,
Nina bakwa gcogcobala,
Amakhosi amakhulu asezilozini ezibuka umuntu engathi ziyamjamela,
Abakanyoni ezimnyama ezimaphik’abomvu!
Lapha sibheka umlando ngesibongo sakwaMsomi ukuthi bahlukana kanjani phakathi kuze kubekhona abakwa Meyiwa. Sibe nengxoxo noBaba Cabangela Meyiwa ohlala endaweni yaseNanda, kaBester. Ubaba uMeyiwa usixoxela ngokuhlukana okwenzeka eMaSomini.
Ngokwesintu umnumzane uyaba nesithembu. Esithenjini kubakhona undlunkulu kanye nondluncane. Uma kwenzeka kube khona umakoti ekhaya ekufanele aphume kuvamise ukuthi kube omncane. Kodwa kwakungavamile ukuthi kuhlukwane ngokuhlala. Umnumzane uma eganwe isithembu kuba khona inkosana okungumfana omdala ekhaya. Nomnumzane wakwaMsomi wayeganwe isithembu kukhona undlunkulu nonkosikazi omncane. Kuthiwa inkosana yendlunkulu yayithanda ukuzigqaja ngokuthi yona iyinkosana, ithanda ngisho nokudla ifa okuxaya ngalendodana ukuthi ikwenza lokhu noyise wayesaphila. Inkosana kuthiwa yayingenandaba ukuthi ubaba wayo usaphila. Inkosana yakwandlunkulu iyona ayase iphethe ikhaya ingasahloniphi zonke izinto isifuna ezayo.
Kuthi ngelinye ilanga uMsomi wamemezela ukuthi uzokwenza umsebenzi. Wamema izihlobo kanye nomakhelwane ukuthi kuziwe kulomsebenzi ozokwenziwa. Kuthe umsebenzi ungakenziwa umnumzane uMsomi wahamba wayohlebela inkosana yakwa nkosikazi omncane ukuthi uma inkomo isihlatshiwe ayokhetha luphi uhlobo lwenyama. Lafika ilanga lomsebenzi yahlatshwa inkomo. Abizwa womabili amadodana amadala waqala ngale eyakwa ndlunkulu ukuthi mayikhethe inyama. Yaya imagange yifaka yasika umlenze, bayibuza ukuthi iyona inyama ayikhethayo yini? Wavumela phezulu umfana. Kwase kubizwa indodana yankosikazi omncane nayo kwathiwa ayikhethe. Yakhetha umhlubulu (izimbambo) ithe isikhethile inyama kwakikizwa.
Ubaba wabo wababiza wawatshela ukuthi ngoba unkosana wandlunkulu ukhethe umlenze, uyakhishwa esibongweni sakwaMsomi usezoba owakwaMeyiwa. Bakhishwa kanjalo egcekeni banikwa inxiwa labo. Kwathi inkosana kankosikazi omncane yona yasala ekhaya. Inyama umhlubulu, inyama ephethe konke okusesiswini amathumbu, izimbambo nakho konke okungaphakathi. Kwahlukanwa kanjalo abakaMsomi noMeyiwa ngenxa yendodana eyayeya ubaba wayo. Ubuhlobo nabo baphela ngoba umuntu wakwaMsomi uyaganele noma uyaganwa kwaMeyiwa. Ngoba ngisho izithakazelo sezahluka azifani. Ubaba uMeyiwa uthi uma kwenzekile benza umsebenzi ekhaya uthi inyama umhlubulu bawunika izingane zamadodakazi. Abawudli nhlobo bona.
Izithakazelo Zakwa Meyiwa
Mlamula
Bheshwaba
KwaMaboza
Bafela oThukela kwabomv’ iziziba
Kasigqi senkehli
Kwaswane Kabetha
Kwamntwana ngebele, umakoti egoyile
Izithakazelo Zakwa Msomi
Msomi
Meyiwa
Mdayi bendlamu ngomzungulu wasala wabola
Ubheshwaba kwakuyigama lomuntu kodwa osewaba ukhokho manje. Lasentshenziswa igama lakhe laba isithakazelo sakwaMeyiwa. Unjalo umlando engiwuxoxelwe ngubaba uMeyiwa.