Umlando wakwa Ngidi
Abantu bakwaNgidi bangamaNguni angamaLala ngokwezigaba zobuNguni. Abantu bakwa-Ngidi baphuma ozalweni lukaVumizitha ozala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahlukene. Umlando uyakuveza ukuthi uVumizitha wayeliqhamukisa kwelakwa-Mthethwa kodwa wazinza kwelaseNkandla. UNgidi njengezinye zezingane zikaVumizitha wakhulela khona ezintabeni zase-Nkandla.Kunemibono eyahlukahlukene ngempilo kaNgidi; abanye bathi kwathilapho sekufanele kubekwe umuntu ozophatha abantu, uNgidi wahambawayogeza emfuleni isikhathi eside. Kuthe esahambile kwabekwa uNgcobo ukuba aphathe abantu. Kuthiwa yikho uNgcobo ethoshwa ngokuthi âNgcobo omkhuluâ ngoba wathatha isihlalo sobukhosi kanti kuNgidi kuthiwa âNgidâomhlopheâ ngoba wachitha isikhathi eside egeza emfuleni. UNgidi wabe esejokola esehamba, engaselutho.
Kuthiwa ngokubona leso sigameko base bemxoshisa ngohlangothi lwenkomo okwenza ukuba babe oHlomuka ngoba bahlomula uHlangothi lwenkomo.Okunye okuvelayo ngoNgidi okufakazelwa yibo bonke abantu bakwaNgidi ukuthi wayenolwazi olunzulu lwamakhambi. Wayelapha abantu abaningi, ikakhulukazi laba ababengamakhosi. Kuthiwa uNgidi wahletshelwa ngabantu ukuthi uzobulawa ngoba esize imbangi yenkosi. Kuthiwa lowomuntu wathi, âBophela mfo kaNgidi, bayeza bazokusoconga ebusukuâ. Kuthiwa ilapho-ke kwavela khona isibongo sakwaBophela. Endaweni yaseMakhabeleni eKranskop kuthiwa kade sikhona lesi sibongo sisetshenziswa kakhulu amadodakazi akwaNgidi. Bathi uBophela wasetshenziselwa ukudukisa umkhondo ngoba bawela uThukela bebalekela izimpi ezazibheduke eNkandla. Kanti eGingindlovu bathi uBophela isithakazelo esavela ngesikhathi ukhokho wabo uNovela ebophele izinkomo zabantu wahamba wayolima ngazo engazicelanga.