***NANKA AMAKHOSI AKWANGUBANE***
UGubhela uzale uKhuboni
yena wazala uNgebelezana,
yena wazala uDlozela
yena wazala uSibeside
yena wazala uNomafu
yena wazala uNgwane
yena ozale uNgcukumane
yena wazala uMyaluza
yena ozale uNgogozabafo
yena ozale u Ngubane
yena ozale uNomaphikela
ozale uMbomvu
ozale uNyonebomvu
ozale uNdlovu
ozale uNdzombane no Matomela owaba yibamba bukhosi .
UNzombane uganwe zintombi zakwa Ngcamu ezamtholela uHhomoyi (iqhawe lesilo uShaka futhi indlalifa kaNzombane) no Somahhashi kanye no Mbeswa owafudukela ezweni lama Hiligwa wabuye wajika wayozinza endaweni osekuthiwa yise Bulwer khona.
Usomahhashi uzala uMawele
Ozale UNyoniyezwe
Ozale Umayizekanye
Oazle uMahlokohloko
Zikhona nezinye izibongo eziwumndeni munye noNgubane njengo Jalubane, oGwabuzela, oNtekati nezinye esisazokhuluma kabanzi ngazo la nomsuka wazo.
Umlando wakwa Ngubane
Abantu bakwaNgubane babuye baziwe ngokuthi ngaMabomvu noma ngabantu baseMabomvini. Yingaphansi kobuholi buka Somahhashi lapho kuvele khona leligama lesizwe saMabomvu elalisuselwa kukhokho wabo uMbomvu kanti kwase kuchume leli laManandi amahle. Abawazi kangcono umlando bathi inkosi uSomahhashi kwafika okhokho bayo ilele ebusuku bayinika leli gama laMabomvu. Ukusukela ngaleso sikhathi abantu bakwaNgubane baziwa ngokuthi a’Mabomvu’. Isibongo sakwaNgubane sona savela ngoNgubane indodana kaNgwane.
Ake siwelamanise aMabomvu
Abantu bakwaNgubane bazalwa kwaMkhize , bazalwa uNomafu indodana yenkosi uSibiside
- UNomafu wazala uNgwane
- UNgwane wazala uNgcukumane
- UNgcukumane wazala uMyaluza
- UMyaluza wazala uNgogozabafo
- UNgogozabafo wazala uNgubane okwavela ngaye isibongo sakwaNgubane
- UNgubane wazala uNomaphikela
- UNomaphikela wazala uMbomvu
- UMbomvu wazala uNyonebomvu
- UNyonebomvu wazala uNdlovu [hhayi owesibongo]
- UNdlovu wazala uMatomela noNzombane
Kuthiwa uNzombane wayeganwe izintombi ezimbili zakwaNgcamu ezabe ziyezelamani. Lezo zintombi zamzalela uHhomoyi owaba iqhawe leSilo uShaka kaSenzangakhona. Amanye amadodana kaNzombane kwaba ngoSomahhashi kanye noMbeswa. UMbeswa wafudukela ezweni samaHiligwa, wabuye wajika wazokwakha endaweni osekuthiwa yise Bulwer namuhla. UMatomela waNgubane akahlobene nowakwaZuma.