Ngicela ukulungisa iphutha elincane nje. Siyakhana mziwakwethu. Kukhona othe, indlu wakwaSibiya indlu yaseKhohlwa kwaGumede. Cha, indlu yakwaSibiya indlu enkulu kwaGumede. Okwesibili akukaze kube khona inkosi yakwaSibiya. Phela kwaSibiya akusona isizwe, yindlu. Iqiniso ukuthi kuBaNguni naBaNtungwa, uGumede yiyo indlu enkulu. Kepha ke bese kuba khona izindlu ezihlukile kwaGumede. uGumede qobo lwakhe wakha umuzi waseShobeni (izibongo zakhona ngoKhoza (Mahlase), Sibisi, Msibi, Ziqubu etc). Inkosana yakhe ingonyama uYeyeye. uYeyeye umuzi wakhe yiseMazimeleni (izibongo zakhona ngo Mzimela, Phakathi, Mcoyi, Mnguni,). inkosana kaYeyeye uMnguni. uMnguni inkosana yakhe uLuzumana, yena umuzi wakhe uSibiya ngenkomo. Inkosana yakwaSibiya ngenkomo ingonyama uMalandela. umnawe kaMalandela kwaSibiya ngenkomo nguMyende (ozala abantu bakwaKhomo). inkosana kaMalandela ingonyama uQwabe. uMnawe kaQwabe kwaSibiya ngenkomo uZingelwayo. uMuzi kaQwabe iNgoye (indawo isibizwa ngomuzi wakhe). uQwabe uzale uNdaba kwaSibiya ngenkomo eBabanango. Kwathi oNgoye wazala uSidinane. inzalo kaQwabe yasoNgoye izibiza ngesibongo uQwabe, kuthi inzalo yakhe yakwaSibiya ngenkomo izibize ngoSibiya. uQwabe ulandelwe nguNdaba esihlalweni sobukhosi, uNdaba yena walandelwa uGazu, yena walandelwa uNtusi (Mdladla). Wonke lamakhosi, amakhosi kaNguni endlini yakwaSibiya. uNtusi oketulwe ngabakaQwabe basoNgoye. Emuva kokungena kwabakaQwabe, bengena ngoSimamane waseMabhedwini kanye nendodana yakhe uKhuzwayo (inkosana kaSimamane uLufutha, kanti ikhohlwa uMakhanya), akuzange kube khona inkosi yabenguni endlini yakwaSibiya, futhi akuzange kube khona inkosi yakwaSibiya. inkosana kaNtusi uMqeku yena wabaleka waya emfolozi, emahlabathini. izwe liphathwe ngabakwaQwabe basoNgoye baze bakhishwa uShaka kaSenzangakhona, mhla ebulala uPhakathwayo kaKhondlo waseMthandeni. Lokhu kusho ukuthi kwaNguni indlu enkulu ngeyakwaSibiya kodwa ubukhosi bagcina busezandleni zakwaQwabe. abakwaQwabe bakhishwa ngabanewabo bakwaZulu. Yebo phela inkosana inkosana akushintshi. Lokho kusho ukuthi izinhloko zomuzi wakwaSibiya yizo amakhosana akwaGumede, kodwa kusuka uMqeku ayengabusi izwe. oMgxebe, Manyelela izinduna zakwaQwabe. oSotobe, Nogwaza, Sikhobobo babeyizinduna zakwaZulu.
kuyawenza yini umehluko uma umuntu wakwaSibiya azithakazela ngoMTHUNZI OMUHLE noma UMKHUNJINI? ngoba inani labantu bakwaSIBIYA abavela eSWAZINI bazibiza ngoMTHUNZI OMUHLE/MKHUNJINI MPENDULO: angeke siphike ukuthi kukhona abakwaSibiya abango Mthunzini /Mthunzi Omuhle. Izifunda ngezifunda zithandisa isithakazelo esithize. AbakwaSibiya baseZimbabwe bazithakazela ngoMnguni. AbaseShowe namaphethelo bazithakazela ngo Sotobe, Gazu. AbaseNgotshe/Phongolo bazithakazela ngoNdaba, Gumede, kubenezindawo lapho kudume uManyelela. Izithakazelo noMlandoNdaba. Ndaba koMkhulu. Gumede kaNdabaSibiya ngeNkomo abafokazana bebiya ngamahlahlaQwabe kaMalandela. Mnguni. Gazu kaZembetheZingelwayo. Mkhananda owahamba nogodokazi wawela uMfolozi kwaHhiya.Manyelela njengentombi iy’esokeni.Khomo!Zamisa Nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.Mgxebe kaYotho Khathi! NandisaSotobe kaMpangalala! NobiyaMagamanxane kaNgobe, Ngobe eseMngeni. Nogwaza woM’belebele.Sikhobobo qhawe laBaQulusi.Ndaba koMkhulu. Gumede!AbakwaSibiya baphuma kwiNgonyama/iSilo saBeNguni, uMalandela kaLuzumane, kwaGumede, okuyindlu enkulu kuBeNguni. Bayindlu yaseKhohlo kuMalandela. Indlu enkulu yisoDwini, umndlunkulu wasoDwini nguMaZungu. Odwini uMalandela uzala uQwabe, inkosana, njengoba abaKwaQwabe beyindlu enkulu (umfowabo omncane kaQwabe kuMaZungu uZulu). Endlini yaseKhohlo eyayibizwa ngokuthi yikwaSibiya ngeKhomo, uMalandela uzala uZembethe, inkosana. uZembethe wayephinde abizwe ngokuthi unguNdaba. uZingelwayo yi sokanqangi (izibulo) likaMalandela, emdala ngisho nakuQwabe noZembethe (uNdaba). KwaSibiya ngeKhomo (isiNtungwa okusho inkomo ngesiZulu samanje) kuphuma izibongo uSibiya, Khomo, Ndaba, Gazu, Zamisa, Khathi, Manyelela, Sotobe. uManyelela nguye ozala uMthaniya, unina kaSenzangakhona. iSilo uBhekuzulu uzalwa nguChristina Sibiya. Ngesikhathi sezimpi zoMfecane (isikhathi sikaShaka), iNkosi yakwaSibiya kwakunguNgobe kaMhenqwa, umuzi wakhe uMngeni ezansi koMkhuze, uNdlunkulu wakhe okaMapholoba, uMaNgcobo, inkosana yakhe uMagamanxane, owayakhe eNgotshe, igama lomuzi kaMagamanxane eSibhoshini. iKhohlo likaNgobe uMabhabhakazane ozalwa uMaMthethwa, umuzi yiMbeka ngaseHlobane. uMabhabhakazane ubeyiphini likaNhlaka Mdlalose kwibutho abaQulusi. Indodana yakhe uSikhobobo wabekwa ukuba abe yiNkosi yabaQulusi ebekwa yiSilo uCetshwayo kulandela ukufa kukaSekethwayo kaNhlaka Mdlalose, owafa mhla uZibhebhu kaMaphitha ehlasela Olundi. Lendlu yacithwa amaBhunu, nomhlaba wabaQulusi ePaulpietersburg (eDumbe) ukuya eHlobane wadliwa amaBhunu. Enye yamadodana kaNgobe, uNogwaza wabe eliphini leNkosi uKlwana Buthelezi kwibutho uM’belebele. uKlwana wabe eyinduna yesifunda ukusuka eMahlabathini ukuya eNgotshe nase Phongolo. Ekufeni kukaKlwana, iSilo uMpande ubeke uNogwaza abe yinduna yakwaZulu kwi sifunda ebesenganyelwe uKlwana. Ekufeni kukaNogwaza kubekwe uMntwana uHhamu kaNzibe ukuba ongamele lesifunda. Indodana kaNogwaza uMtshekula waba nguNdunankulu woMntwana uHhamu kaMpande kwaNgenetsheni (umuzi kaHhamu), nakwibutho uThulwana (Imboza). Umuzi kaMtshekula yiKwaKhiphunyawo ePhongolo. uSotobe kaMpangalala wabe eyiSikhulu seLembe uShaka. wabe akhe eNtumeni, ngaseShowe. Nguye uSotobe owahola ithimba likaZulu mhla liyokwakha amaxhamu neNgilandi, eKoloni (Cape Colony). uSotobe uphinde waba induna yesifunda saseMbo (Natal) sekubusa uDingana. iNkosana kaSotobe uNobiya, owabe eyinduna yempi yanyova (Reserve), futhi ongamele kusuka kuThukela kuya eNtumeni ngaseShowe. uNobiya naye wafa umhla uZibhebhu (Mandlakazi) ehlasela oNdini.Abendlu kaZingelwayo bayiziLomo kwaSibiya. iNkosana kaZingelwayo uNdaba ozala uMandondo noManyelela. iNdlu eNkulu yakwaSibiya yiseSibhoshini, umhlaba wabo wadliwa amaBhunu eNgotshe, nobukhosi basesiBhoshini abusekho, bacithwa amaBhunu eNew Republic (Lucas Meyer/Louis Botha/Dawid Louw) okuthiwa banikwa uMhlaba ngu Dinizulu kaCetshwayo emuva kokumlekelela ukuhlula uZibhebhu empini yaseTshaneni. iNkosi ebusayo njengamanje iluzalo luka Mtshekula kaNogwaza kwaKhiphunyawo. Alandelana kanje amaKhosi akwaSibiya noMndlunkulu awo: 1. Zembethe [MaMyeza] 2. Gazu [MaDube] 3. Mdladla [MaNdebele] 4. Mqeku [MaMbatha] 5. Mhenqwa [MaMkhwanazi] 6. Ngobe [MaNgcobo] 7. Magamanxane [MaDlamini] kanye noNogwaza [MaSikhosana], 8. Mhluzane [MaMtshali] kaMagamanxane kanye noMtshekula [MaZulu] kaNogwaza kanye noSikhobobo kaMabhabhakazane 9. Sotiki kaSikhobobo kanye noMntwana uBekayiphi kaMtshekula (uzalwa nguMaZulu). 10. Edward kaBekayiphi. 11. Thamsanqa kaEdward.
Izithakazelo
Sibiya,
Sotobe,
Gazu!
Wena Sibiya ngenkom’ abafokazana bebiya ngamahlahla!
Ndaba,
Gumede,
Khathi,
Manyelele, onyelela njengentomb’ iy’ esokeni!
Nina bakwa nkom’ isengelw’ emaweni, ingasengelwa esibayeni, akuyona eyakhona!
Sikhobobo sikaMabhabhakazane!
Imvelaphi yakoSotobe!
Isizwe sakwaSibiya bebe ngochwepheshe ekucupheni izinyamazane, lokhu bekwenza njengento ewumkhuba nomdlalo olidumela kanti futhi nemfuyo ibibathanda ikakhulukazi izinkomo. Bebefuye imihlambi ngemihlambi yezinkomo. Lezizinkomo bebezithola ngenxa yokuthi bebeganiselana namakhosi amakhosazana abo bese inkosi ibaxoshise ngomhlambi wezinkomo uma sekulotsholwa. Phela oSibiya basuka kuMalandela obeyinkosi yamaNguni endlini enkulu. UMalandela ubekade ezele uZethembe owayezalwa endlini enkulu bese kuba uZingelwayo.
Kwathi lapho uMalandela esekhotheme, uZingelwayo waqoqa imigodla yakhe wangena indlela wayokwakha ngaseMakhosini wasuka eMhlathuze. UZethembe yena waqoma ukusala.
Phela ngenxa yobukhosi basendlunkulu, kukhona obekufanele engamele ubukhosi phakathi kwezinsizwa zombili. Ubukhosi bathathwa nguZethembe wase ezala inkosi uGazu ezale iNkosi uMdladla noSotobe. Ukuhamba kuka Zingelwayo eshiya kwaMalandela kusolakala sengathi wayededa inkundla enzela umfowabo ukuthi angazizwa ephazamisekile ebukhosini noma ezwela ukuthi angaketulwa noma inini ngoba phela ubukhosi babulwelwa emandulo. USotobe yena akazange abe yinkosi kodwa ngenxa yokuxhumana kwakhe kakhulu noShaka nokuba yisikhulu sakhe, kwamenza adume kalula. UMdladla uzale iNkosi uMqeku, kwathi iNkosi uMqeku yona yazala iNkosi uMheqwa. UMheqwa yena uzale iNkosi uNgobe, uNgobe wazala iNkosi uMxa noNogwaza, uMagamanxa uzale iNkosi uMhluzana, uMhluzana uzale iNkosi uSoso, uSoso wazala iNkosi uMthole. UMthole nguyena obeyinkosi yokugcina kulendlu kaZethembe. Unyaka abusa ngawo kwaku ngu 1915.
UNogwaza wayekade eyinduna enkulu yomntwana uHhawu kaMpande kwaNgenetsheni (kwaMfemfe) eBaqulusini. UNogwaza uzale uNtshekula, yena wazala uBekayiphi, ozale u Edward, ozale iNkosi uThamsanqa Kennedy Sibiya obusayo njengamanje. Uzalo luka Nogwaza luKwakhiphunyawo emzini waseNtumbane phesheya koPhongolo. Idlinza likaSotobe kaGazu liseNtumeni eShowe lapho kukhona abendlu kaGazu. UNogwaza uzale uMtshekula, uMtshekula wazala Bheyiphi. UThamsanqa oyinkosi ebusayo eSimdlangetsha njengamanje ungumzukulu kaBhekayiphi. Njengayo yonke imibuso lapho kohlale kubangwa khona ubukhosi, nakhona lapha buke babangwa ubukhosi eNgonje, lapho kuqhamuka khona indlu kaNogwaza okuyibona ababusayo njengamanje.
UZingelwayo kaMalandela uzale uNdaba, uNdaba wase ezala uMadondo endlunkulu noManyelela. UMadondo kaNdaba endlunkulu uzale uNtshontsho, kwathi uNtshonstho wazala uMhlazana. UManyelela kaNdaba wasekhohlo endlunkulu yakhe uzale uMaqulu, uMaqulu uzale uGafudaba. Olunye lozalo ngaphansi kuka Manyelela, uBhulingwe owazala uMpisi enye yamadodana kaNgobe uMabhabhakazane ozale uSikhobobo iqhawe lasebaQululisini.
Kafuphi oSibiya badabuka kuMalandela inkosi yamaNguni base beba yisizwe ngokwesibongo sabo njengazo zonke izibongo ngaphansi kweNkosi uShaka iSilo esahlanganisa amakhosi ayewahlasela awanqobe.
English Summary
The descendants of their history and family tree is drawn above and shows that they are a generation of Malandela, the king of the Nguni. The Sibiya clan were not very popular as war warriors but were good in hunting. They were also very wealthy and had lots of cows hence their surname even says they never use fencing to surround their kraal for protection against enemies and wild dangerous animals but they had so many cows that they used the cows for that.
Mbusiswa Zuma
Ilanga Newspaper. 27-29 February, Pg 8
source : https://www.ulwaziprogramme.org/umlando-wesibongo-sakwa-sibiya-2/
Mina bengicela owazi ihubo lakwasibiya kungiphatha kabi ukuthi angilazi ngibe nginguSibiya.
Sanibona boSotobe , can somebody explain the Sibiya’s that are in Mpumalanga and they call themselves aMandebele futhi uma bethakazela bethi “Mswandle”
I have a question is everyone that’s a sibiya zulu? Coz growing up I thought I was zulu but then people told me that sibiyas are shanganes so now I’m really confused 🤞
Mina nje ngizithandela izintombi zakhona ave zinempatho emnandi. Ingakho nje ngizihlupha ngemvelaphi yabantu bakwasibiya.., Awuphakame lapho Snothile princess sibiya enseleni bakubone.
Umlando wakwa Sibiya
OSibiya baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba. Kulendlu uNdaba wazala uGumede, owazala uZingelwayo noZembethe. UZingelwayo noZembethe bazalelwa emzini kayise uNdaba KwaMpokoloshe, owayakhe ngaKwaNobamba. Lamadodana kaGumede aba neziphiwo ezahlukene. UZembethe wayenesiphiwo sokuzingela izinyamazane. UZingelwayo (Gubeshe) wayenesiphiwo sokuthanda imfuyo, izinkomo. Nazo- ke zamthanda kakhulu, zanda.
Lamadodana kaGumede asuka KwaMpokoloshe ngokwehlukana. UZembethe wasuka wayokwakha ngaseziNtabeni zasoPhathe lapho wayephila ngokuzingela izinyamazane njengoba zaziziningi kuleya ndawo. Wazala inkosana yakhe wayetha ngokuthi nguGazu. UZingelwayo yena wasuka wayokwakha phezu kweNtaba eMthonjaneni. Ngenxa yokuthi imfuyo yayimthandile uZingelwayo, izinkomo zakhe zanda ngalendlela zazize zilale ngaphandle kwesibaya zizungeze umuzi wonke. Abantu ababedlula ngaphandle komuzi bathi: “ake nibuke oZingelwayo, bafuye kanjani, babiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.” Kusukela lapho uZingelwayo wabe esebizwa ngoSibiya. Kwathi abakaZembethe babizwa ngoGazu owabe eyinkosana.
Ngokuhamba kwesikhathi bahlangana bavumelana ngokuthi basebenzise uSibiya njengesibongo, uGazu abe yisithakazelo sabo. Nangesikhathi besebenzisa uSibiya, basebenzisa uNdaba noGumede abangokhokho babo njengesithakazelo. Ubuhlobo balababantu nabaKwaZulu baphela ngesikhathi iNkosi uJama ishelelwa ngabantwana bayo uMkabayi nomama indodakazi kaZingelwayo (Gubeshe) uMthaniya eyazala inkosi uSenzangakhona. Lababantu bakwaSibiya bakhulu KwaZulu futhi banomlando omkhulu. Enye yamadodakazi kaZingelwayo uLangazana, igane iNkosi uSenzangakhona yazala uMagwaza noNonqgobo. UMagwaza wasala empini yaseNcome mhla zili- 16 kuZibandlela (December) ngowe 1838.
USotobe kaMpangalala kaGazu waba yisiyendane seSilo uShaka. ISilo uShaka saze samthuma ukuba aye phesheya kwezilwandle eNkosini yamaNgisi, uKing George ukuba eyofuna ubuhlakani babelungu. Ngeshwa wabuya iSilo uShaka sebesibulele, lapho khona sabuya nomfana womlungu. Bathi abantu usithathephi isilwane esinamehlo okungathi ngawekati. Lowo mfana wagcina esefunde yonke imikhuba yabantu bakwaSibiya, wagcina igama lakhe sekunguKhathi.
USotobe simthola esebekwe yiSilo saseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu Natali maphakathi nezwe njengengede ebheke bonke labo ababenza okuphambene nomthetho waso. Abantu bakwaSibiya banobukhosi laphaya kwaKhiphunyawo oPhongolo. Leya ndawo bayinikezwe yiSilo uShaka, sathi mabayobheka amaSwazi angangeni KwaZulu. Sayinika iqhawe laso uNogwaza kaNgobe kaMheqwa waseSikhobobo kaMabhabhakazana elayibamba empini yodumo lukaBhambatha kaMancinza Zondi Khandampondo lingenye yezinduna zaseBaqulusini.
Mmmm siyabonga ngomlando ojulile nomnandi kakhulu
Ngokwalo mlando sengiyabona ukuth ukuth kungani abantu bakwaSibiya bekhonzene kungakhathaliseki ukuthi bayazana noma abazani, lokhu bakwenza ngokuthi kusuka ekuqaleni beqale behlangane bevumelane ngokusebenzisa isibongo esisodwa nokuthi benze amanye amagama abe zithakazelo….SIYABONGA BONDABA!
CHA NGIZWA KAHLE NGALOMLANDO WAKWA SIBIYA ,KODWA NGICELA NINGICACISELE KAHLE NGO SKHOBOBO EMLANDWENI WAKHE
Sawubona Gumede kaNdaba. oSibiya abangamashangane ilaba ababaleka noSoshangane ngenkathi ebaleka KwaZulu. They are Zulu people, it’s just that bafike eGiyani bakhuluma olunye ulimi