kuyawenza yini umehluko uma umuntu wakwaSibiya azithakazela ngoMTHUNZI OMUHLE noma UMKHUNJINI? ngoba inani labantu bakwaSIBIYA abavela eSWAZINI bazibiza ngoMTHUNZI OMUHLE/MKHUNJINI MPENDULO: angeke siphike ukuthi kukhona abakwaSibiya abango Mthunzini /Mthunzi Omuhle. Izifunda ngezifunda zithandisa isithakazelo esithize. AbakwaSibiya baseZimbabwe bazithakazela ngoMnguni. AbaseShowe namaphethelo bazithakazela ngo Sotobe, Gazu. AbaseNgotshe/Phongolo bazithakazela ngoNdaba, Gumede, kubenezindawo lapho kudume uManyelela. Izithakazelo noMlandoNdaba. Ndaba koMkhulu. Gumede kaNdabaSibiya ngeNkomo abafokazana bebiya ngamahlahlaQwabe kaMalandela. Mnguni. Gazu kaZembetheZingelwayo. Mkhananda owahamba nogodokazi wawela uMfolozi kwaHhiya.Manyelela njengentombi iy’esokeni.Khomo!Zamisa Nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.Mgxebe kaYotho Khathi! NandisaSotobe kaMpangalala! NobiyaMagamanxane kaNgobe, Ngobe eseMngeni. Nogwaza woM’belebele.Sikhobobo qhawe laBaQulusi.Ndaba koMkhulu. Gumede!AbakwaSibiya baphuma kwiNgonyama/iSilo saBeNguni, uMalandela kaLuzumane, kwaGumede, okuyindlu enkulu kuBeNguni. Bayindlu yaseKhohlo kuMalandela. Indlu enkulu yisoDwini, umndlunkulu wasoDwini nguMaZungu. Odwini uMalandela uzala uQwabe, inkosana, njengoba abaKwaQwabe beyindlu enkulu (umfowabo omncane kaQwabe kuMaZungu uZulu). Endlini yaseKhohlo eyayibizwa ngokuthi yikwaSibiya ngeKhomo, uMalandela uzala uZembethe, inkosana. uZembethe wayephinde abizwe ngokuthi unguNdaba. uZingelwayo yi sokanqangi (izibulo) likaMalandela, emdala ngisho nakuQwabe noZembethe (uNdaba). KwaSibiya ngeKhomo (isiNtungwa okusho inkomo ngesiZulu samanje) kuphuma izibongo uSibiya, Khomo, Ndaba, Gazu, Zamisa, Khathi, Manyelela, Sotobe. uManyelela nguye ozala uMthaniya, unina kaSenzangakhona. iSilo uBhekuzulu uzalwa nguChristina Sibiya. Ngesikhathi sezimpi zoMfecane (isikhathi sikaShaka), iNkosi yakwaSibiya kwakunguNgobe kaMhenqwa, umuzi wakhe uMngeni ezansi koMkhuze, uNdlunkulu wakhe okaMapholoba, uMaNgcobo, inkosana yakhe uMagamanxane, owayakhe eNgotshe, igama lomuzi kaMagamanxane eSibhoshini. iKhohlo likaNgobe uMabhabhakazane ozalwa uMaMthethwa, umuzi yiMbeka ngaseHlobane. uMabhabhakazane ubeyiphini likaNhlaka Mdlalose kwibutho abaQulusi. Indodana yakhe uSikhobobo wabekwa ukuba abe yiNkosi yabaQulusi ebekwa yiSilo uCetshwayo kulandela ukufa kukaSekethwayo kaNhlaka Mdlalose, owafa mhla uZibhebhu kaMaphitha ehlasela Olundi. Lendlu yacithwa amaBhunu, nomhlaba wabaQulusi ePaulpietersburg (eDumbe) ukuya eHlobane wadliwa amaBhunu. Enye yamadodana kaNgobe, uNogwaza wabe eliphini leNkosi uKlwana Buthelezi kwibutho uM’belebele. uKlwana wabe eyinduna yesifunda ukusuka eMahlabathini ukuya eNgotshe nase Phongolo. Ekufeni kukaKlwana, iSilo uMpande ubeke uNogwaza abe yinduna yakwaZulu kwi sifunda ebesenganyelwe uKlwana. Ekufeni kukaNogwaza kubekwe uMntwana uHhamu kaNzibe ukuba ongamele lesifunda. Indodana kaNogwaza uMtshekula waba nguNdunankulu woMntwana uHhamu kaMpande kwaNgenetsheni (umuzi kaHhamu), nakwibutho uThulwana (Imboza). Umuzi kaMtshekula yiKwaKhiphunyawo ePhongolo. uSotobe kaMpangalala wabe eyiSikhulu seLembe uShaka. wabe akhe eNtumeni, ngaseShowe. Nguye uSotobe owahola ithimba likaZulu mhla liyokwakha amaxhamu neNgilandi, eKoloni (Cape Colony). uSotobe uphinde waba induna yesifunda saseMbo (Natal) sekubusa uDingana. iNkosana kaSotobe uNobiya, owabe eyinduna yempi yanyova (Reserve), futhi ongamele kusuka kuThukela kuya eNtumeni ngaseShowe. uNobiya naye wafa umhla uZibhebhu (Mandlakazi) ehlasela oNdini.Abendlu kaZingelwayo bayiziLomo kwaSibiya. iNkosana kaZingelwayo uNdaba ozala uMandondo noManyelela. iNdlu eNkulu yakwaSibiya yiseSibhoshini, umhlaba wabo wadliwa amaBhunu eNgotshe, nobukhosi basesiBhoshini abusekho, bacithwa amaBhunu eNew Republic (Lucas Meyer/Louis Botha/Dawid Louw) okuthiwa banikwa uMhlaba ngu Dinizulu kaCetshwayo emuva kokumlekelela ukuhlula uZibhebhu empini yaseTshaneni. iNkosi ebusayo njengamanje iluzalo luka Mtshekula kaNogwaza kwaKhiphunyawo. Alandelana kanje amaKhosi akwaSibiya noMndlunkulu awo: 1. Zembethe [MaMyeza] 2. Gazu [MaDube] 3. Mdladla [MaNdebele] 4. Mqeku [MaMbatha] 5. Mhenqwa [MaMkhwanazi] 6. Ngobe [MaNgcobo] 7. Magamanxane [MaDlamini] kanye noNogwaza [MaSikhosana], 8. Mhluzane [MaMtshali] kaMagamanxane kanye noMtshekula [MaZulu] kaNogwaza kanye noSikhobobo kaMabhabhakazane 9. Sotiki kaSikhobobo kanye noMntwana uBekayiphi kaMtshekula (uzalwa nguMaZulu). 10. Edward kaBekayiphi. 11. Thamsanqa kaEdward.
Imvelaphi nomlando wesibongo sakwa Sibiya
Anonymous Answered question January 26, 2022