Isibongo sakwaThwala ngesinye sezibongo ezidume kakhulu eSwazini njalo umlando wabo ubanzi, badlala indima enkulu ngeskhathi kubunjwa umbuso kaSobhuza wokuqala. Ingwenyama ebusa manje eSwazini uMakhosetive(Mswati 3), izalwa ngumaThwala uNtombifuthi. Ubukhosi bakwaThwala eSwazini buseBhadzeni yikho lapho indlovukazi ezalwa khona. AbakwaThwala bathola isibongo lesi ngenxa yemisebenzi ababeyenza ebukhosini bakwaDlamini. Kuthiwa abakwaThwala babethwala izinto zakwaDlamini ma ngabe inkosi ithutha kumbe kufanele iye endaweni ethize. AbakwaThwala ngabantu banye nabakwaMotha, ngabeSotho ngokwendabuko, batholwa eSwazini ngeskhathi kufika abakwaDlamini yingakho sithi ngabeSwati abamakhandambili, amakhandambili yizizwe zonke ezatholwa ngabakwaDlamini(kanye nezinye izizwe ezafika nabo) eSwazini. abakwaThwala abayidli inyama yenkomo engenampondo. Ubudlelwano phakathi kweMbube uMswati 2(1840-1868) nabakwaThwala baqiniswa yizimpi ezalwiwa ngamaSwazi phela abakwaThwala ngamagabazi amakhulu kwezokulwa, bebalwa kuphuke imikhono. Yibona abancedisa abakwaDlamini ngeskhathi uNdlunkulu kaMswati wesibili, u-Thandile Ndwandwe ethola umendo eSwazini.
Izithakazelo zabo :
Tfwala, Motha, Lukhambule, Mnyamandze
Mkhonto lodvuma njengelitulu,
Mafuyankabi, Nshivakati Nkhomo katingeni edamu tiyacabelana,
Shiva longenatimphondvo, lenetimphondvo tatitsatsa ekhabonina matalankosi nina enatala uMswati wesitsatsu ::