Umlando wokuhlukana Kwabantu BakwaTshabalala nomndeni, eMhlongamvula, Simakade
Ezikhathini zakudala kwakuvamise ukuthi kube nempi yezigodi okwakwenzeka kuliwe ngoba kubangwa ubukhosi kanye nabantu. Naliphi inqadi laliba nezinsizwa ezikhethelwa impi ekuyothi mhla impi iyohlangana zikhishwe izinsizwa ukuyolwa. Izingane nomama babesala emakhaya bazilungisele ukucasha uma sihlulwa isigodi sabo.
Uma kwenzekile impi bekubangwa amanqadi, lelo nqadi elidluliwe lizobuyela ngakuleli nqadi eliphumelele. Njenganoma yisiphi isibongo esikhathini sakudala kwakusetshenziswa esisodwa njengabo abantu bakwaTshabalala, eMhlongamvula. Ekwathi ngezigemegeme ezithile kwaqhamuka nezinye njengo Mabizela, Mkholo, Sithebe, Mposula, Thabethe, Gcindi, Ndlela, Madlangampisi, Mavimbela, Phungwayo, Mshengu, Mtshengu, nesinge. Nesibongo siphuma ngaphansi kukaTshabalala. Kudala isigodi sakwaTshabalala sasiphethwe iNkosi Sampekwane ezindaweni ezisondelene noma esigodini esisodwa eMhlongamvula naseSimakade. Kwaba nempi yezindlu esigodini sakwaTshabalala phakathi kwindlu kaSampekwane (ozala uNdembu, Mpanga noMakhubane) nomfowakhe uMangethe (ozala Mathe ozala uMadlangampisi, uSibakwa nabanye.
Njengoba sisho isisho esithi, ‘Akukaze kubuse izinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa’. Kufanele kube khona ededela enye esikhundleni.
Yahlulwa enye ingxenye yabantu bakwaSampenkwane lapha kuwundodana yakhe, uMakhubane. Amadodana wakhe, uNgobende noMaphanga bakhetha ukubaleka ngoba bengafuni ukuphathwa yinkosi ebekungasiyo eyabo.
Babaleka ndawonye bonke impi ibalandela ibaxosha. Bathi bangafika endaweni esehlathini baphumula futhi befuna nokuzikhulula. Bathi abanye bephumula abanye babe beqhubeka bebaleka ngoba besaba impi eyayibalandela. Kuthiwa labo ababesele ngemuva bephumula batshela laba ababeqhubeka ukuthi basachama kwathi ababalekayo bathi bona basazama ukubaleka.
Kuthiwa bahamba belandela abanye ngo-1862 beholwa iNkosi Simahla (indodana ka Madlangampisi) abanye basala bakwaTshabalala bachama abazange besalandela bacasha emahlathini ase Freistata, KwaZulu, Lesotho, eKapa baze bazishintsha isibongo sabo bazibaza bazibiza ngaboKhokho babo. Inhloso enkulu yokushintsha ukuthi uma impi ibathola ingazi ukuthi baphuma esigodini sakwaTshabalala, sashintsha kusukela lapho isibongo sabo. Laba abaqhubeka babaleka basishintshanga isibongo sakwaTshabalala ngaboKhokho babo kodwa abanye balandela isibongo zakwaTshabalala (Shabalala).
Okuphawulekayo ukuthi abantu bakwaTshabalala sibayaganana ikakhulukazi kulaba abangawazi umlando.
Nakudala kuthiwa bebangaganani nesibongo zakwa Hlubi, Dlamini Nkosi, Mabuza, Ginindza kodwa ngemuva kwisikhathini ubuhlobo babuqeda ngokuhlaba imbuzi.
Nakhona kwaba ukuphela kanjalo kobuhlobo kodwa ezinye izithakazelo kuba khona lapho zingenelana khona. Kodwa abanye babekwazi ukutshela izingane zabo ukuthi zingaqomi kwaTshabalala.
Isibongo sakwaTshabalala saqhubeka ngoba abantu babehamba becasha ezigodini ezahlukene kulamazwe ase-KwaZulu, Lesotho, eSwatini endala, Freistata, eKapa, eBulawayo, Zimbabwe, kaSoshangane (Mozambique), Malawi, Zambia, Tanzania naseCongo (DRC).
Abantu bakwaTshabalala amaSwati ngendabuko.
Isinanatelo semaTshabalala (Izithakazelo zakwa Tshabalala):
Tshabalala! Mshengu!
Ludvonga luka Mavuso waNgwane!
Sdwabasilutfuli. Esingabancwaba seza nomlandakazi!
Nine bakwaWawawa! Enawela wela uLubombo ngokuhlehlethela!
Nine lolway’eMbo nabuyelela!
Nine bengongoni yaseMavaneni!
Abaduma bakhathala betindlu netindlwana!
Betsi uMhlongamvula udilikile! Kantsi kuzamazama Igcuku!
Nine abathenga amanga ngesitole esikone!
Betsi kungcono amanga kunokutsakadza!
Nine ebavala ngamakhandza emadvodza eSimakadze!
Abanye bevala ngamahlahla!
Nine bakwaMafu! Angalingani phansi naphezulu! Aphezulu abohhalahhala afuze kitsi eSwatini lapha kubodle iNgonyama!
Bese basho bantfu besive betsi Tshabalala!! Mshengu!!
Umlando wokuhlukana Kwabantu BakwaTshabalala noMabizela, Thabethe, Mavimbela, Sithebe, Mposula, Gcindi, Ngxabalala, Mbhombhi, Hhomo, Mshengu, Mtshengu, Msomi, Myeni, Donga, Mvumbu, Chabalala, Masumbe, Mswana, Dlodlo, Phungwayo, Songelwa, Donga, Mahlasela, Mchavi, Sopeng, Klaas, Mdoloba, Madlangampisi, Mgangane, Mathontsi, Mnengi, Makobane, Likhale, Lesoma, Thobothobo, Lethole, Secopha, Mahemu, Hlabathi, Leopa, Seshemane, Bopa, Thosa, Nkaka, Liphoso, Katse, Serabele, Mathe, Vumisa, Mahlathe, Sebajoa, Kolotsane, Dingizwayo, Lefisa, etc.