Abantu bakwaZondi badabuka eSwazini kwisizwe sikaMmbo. LoZondi indodana kaLusibalukhulu yakhona kwaDlamini, yazala uNhlabintshiseko lona owagcina esenguZondi. UNhlabintshiseko kuthiwa waxabana nodadewabo, owabe eseyizonda ngendlela eyehlula ngisho bebaxazulula, kodwa uNhlabintshiseko wangavuma ukuxola. Base bethi usenguZondi kwagcina sekuyisibongo sakhe okwathi nozalo lwakhe lwagcina selubizwa ngaye uZondi.
UZondi wase ezala uGagashe, yena owase ezala uTetemane wazala uLuqa, uMngaki noNondaba.
Ingxenyana yakwaZondi yakhe ngaseNadi, umfudlana. Kodwa isuka le eNkandla lapho yakhelene noNxamalala. Ngenxa yokwakha kwabo eduze kwalowo mfudlana iNadi, kwase kuthiwa ngabaseNadi. Ngesikhathi lapho sebeholwa nguNomagaga kaNsele base behlaselwa yiNkosi uShaka.
Babaleka bayocasha ehlathini lapho angabathola khona. Ngalesosikhathi besabhace ehlathini, amabutho kaZulu athatha izinkomo zabo ahamba nazo. Bebona lenhlekelele eyayibehlela yokuhamba kwemfuyo yabo, bavele baphuma ehlathini ababecashe kulo bazidela amathambo baqonda kuwona amabutho kaZulu.
Kuthe lapho uNomagaga esekhotheme, behlukana phakathi abantu bakwaZondi, kuthe ngalesosikhathi behlukana phakathi nabafowabo, uDlaba kaNomagaga wasala kuleyandawo yaseNadi. Laba abanye bahamba nesizwe samaZulu, kwathi ababeholwa nguMgenge kaDlaba, owayengowasekhohlo kwaZondi, wavele wayozihlanganisa nabantu bakwaZuma eNkandla. Abanye bakwaZondi ababephuma endlini encane, okwabe kungekaMpumuza, bahama baya kokwakha ngaseMsunduze, okuyindawo lapho namanje betholakala khona kanti nobukhosi butholakala khona buphethwe yinkosi uNsikayezwe Zondi.
UTetelegu kaNobandla owasala empini uye owayehola lendlu kaMpumuza ngesikhathi inqamula amazwe iya eMsunduze. Kuthe lapho beseNadi, uDlaba nesizwe sakhe kwaba khona ukungezwani namaBhunu, kwagcina uDlaba edingiselwe eSayidi lapho afika wakhothamela khona.
Ukukhothama kwenkosi yabo akubavimbanga ukuthi baqhubeke bahlale ezweni lawokhokho babo. Ngaleyonkathi babeholwa nguDibinyeka kaDlaba. Kulabo abahamba nabakwaZulu kubantu bakwaZondi, sibathola sebakhe eNgome ngaseMgungundlovana. Kulendlu kwagcina sekuphume abanye abagcina sebezitholele izwe ePholela, eNkandla. Leyondlu yaziwa ngokuthi yiKwaNomangamlana futhi inobukhosi bayo.
Indlu yaseNgome ekaNondaba kaTetemane. Kulendlu kaNondaba kuzalwa iqhawe elidume kakhulu emlandeni wakwaZulu iNkosi uBhambatha kaMancinza owayephikisana nokukhokhwa kwentela eyayibizwa ngokuthi ukhandapondo ngeminyaka yawo 1906. Kwase kuba nempi enkulu lapho abeNgwadi bagcina bebulele omunye umuntu bathi yinkosi uBhambatha ngoba befuna kuthiwe bambulele bona.
Kuthiwa ngalesosikhathi beyifuna yonke indawo, yabhekisa amabombo kwelase Mozambique okulapho yaphelela khona. Kodwa kuthiwa ngaphambi kwalempi, inkosi uBhambatha yahamba yayobikela iSilo sasoSuthu ukuthi yona nesizwe sayo ngeke bayikhokhe intela. Ngaleso sikhathi yayihamba nendlunkulu yayo uSiyekiwe uMaZuma nendodakazi nendodana uNkantolo.
Kuthe sekuqubuka izimpi, lezo zimpi zaba buhlungu ngoba abantu beSilo uMamonga woSuthu, uMgabadeli owagabedela inkunzi yakwabulawayo, baphelela kuzona bebulawa ngabanye. Base bedingiswa ezizweni zabo beboshiwe ngoba kuthiwa baphikisana nemithetho ebekwe ondlebe zikhanya ilanga. Omunye wamakhosi adingiswa inkosi yakwaShezi uSgananda kaZokufa owagcina eshonela esitokisini saseMpandleni khona eNkandla ngoba nje ephikisana nokubuswa abelungu.
source : https://www.facebook.com/izibongo.nezithakazelo/posts/imvelaphi-yakwa-zondiabantu-bakwazondi-badabuka-eswazini-kwisizwe-sikammbo-lozon/611811168985306/
Umlando wabantu bakwaZondi
Abantu bakwaZondi badabuka eSwatini esizweni sikaMambo. Lo Zondi indodana kaLusibalukhulu wakhona kwaDlamini, wazala uNhlabintshiseko okunguyena owagcina esenguZondi. uNhlabintshiseko kuthiwa waxabana nodadewabo wagcina emzonda ngendlela eyehlula yonke imizamo yokubaxazulula, lutho uNhlabintshiseko akavumanga ukuxola. Kusukela lapho-ke wagcina esebizwa ngokuthi unguZondi, okwagcina sekuyisibongo sakhe okwathi nozalo lwakhe lwagcina selubizwa ngaye uZondi.
uZondi yena wazala uGagashe, yena owabe esezala uTetemane owazala uLuqa, uMngaki noNondaba.
Ingxenyana yakwaZondi yakhe ngakumfudlana ngaseNadi. Kodwa ngokomsuka isuka le eNkandla lapho yakhelene khona noNxamalala. Ngenxa yokwakha kwabo eduze kwalowo mfudlana iNadi, kwase kuthiwa ngabaseNadi. Kwakungesikhathi lapho sebeholwa nguNomagaga kaNsele khona lapho bahlaselwa khona yiNkosi uShaka.
Babaleka bayocasha ehlathini, okwathi ngesikhathi besabhace lapho ehlathini, amabutho kaZulu athatha izinkomo zabo ahamba nazo. Bebona le nhlekelele eyayibehlela yokuhamba kwemfuyo yabo, bavele baphuma ehlathini ababecashe kulo bazidela amathambo baqonda kuwona amabutho kaZulu.
Kuthe lapho uNomagaga esekhotheme, behlukana phakathi abantu bakwaZondi. Ngaleso sikhathi behlukana phakathi, kwaba uDlaba kaNomagaga owasala kuleyiya ndawo yaseNadi. Laba abanye bahamba nesizwe samaZulu, kwathi ababeholwa nguMgenge kaDlaba, owayengowasekhohlo kwaZondi, wavele wayozihlanganisa nabantu bakwaZuma eNkandla. Abanye bakwaZondi ababephuma endlini encane, okwabe kungekaMpumuza, bona bahama baya kokwakha ngaseMsunduze, okuyindawo lapho namanje betholakala khona kanti nobukhosi butholakala khona buphethwe yinkosi uNsikayezwe Zondi.
uTetelegu kaNobandla owasala empini nguyena owayehola le ndlu kaMpumuza ngesikhathi inqamula amazwe ize iyofika eMsunduze. Kuthe lapho beseNadi, uDlaba nesizwe sakhe kwaba khona ukungezwani namaBhunu, kwagcina ngokuthi uDlaba agcine edingiselwe eSayidi lapho afika wakhothamela khona.
Ukukhothama kwenkosi yabo uDlaba akusivimbanga isizwe sakhe ukuthi siqhubeke nokuhlala ezweni lawokhokho baso. Ngaleyo nkathi babeholwa nguDibinyeka kaDlaba. Abantu bakwaZondi abahamba nabakwaZulu sibathola sebakhe eNgome ngaseMgungundlovana. Kule ndlu kwagcina sekuphume abanye abagcina sebezitholele izwe ePholela, eNkandla. Leyo ndlu yaziwa ngokuthi yiKwaNomangamlana futhi inobukhosi bayo.
Indlu yaseNgome ekaNondaba kaTetemane. Kule ndlu kaNondaba kuzalwa iqhawe elidume kakhulu emlandeni wakwaZulu iNkosi uBhambatha kaMancinza owayephikisana nokukhokhwa kwentela eyayibizwa ngokuthi ukhandampondo ngomnyaka we-1906. Leso senzakalo salandelwa ngenkulu impi lapho abeNgwadi bagcina bebulele omunye umuntu bekhohlisa bethi yiyo iNkosi uBhambatha ngoba befuna kuthiwe bambulele bona, okwakungesilo iqiniso.
Kuthiwa ngaleso sikhathi beyifuna yonke indawo iNkosi uBhambatha, yabaleka yabhekisa amabombo kwelase-Mozambique okulapho yaphelela khona. Kodwa kuthiwa ngaphambi kwale mpi, iNkosi uBhambatha yahamba yayobikela iSilo sasoSuthu ukuthi yona nesizwe sayo ngeke bayikhokhe intela. Ngaleso sikhathi yayihamba nendlunkulu yayo uSiyekiwe uMaZuma nendodakazi nendodana uNkantolo.
Kuthe sekuqubuka izimpi, lezo zimpi zaba buhlungu ngoba abantu beSilo uMamonga woSuthu, uMgabadeli owagabedela inkunzi yakwaBulawayo, baphelela kuzona bebulawa ngabanye. Base bedingiswa ezizweni zabo beboshiwe ngoba kuthiwa baphikisana nemithetho ebekwe ngondlebe zikhanya ilanga. Omunye wamakhosi adingiswa iNkosi yakwaShezi uSigananda kaZokufa owagcina eshonela esitokisini saseMpandleni khona eNkandla ngoba nje ephikisana nokubuswa ngabelungu. Balamana ngale ndlela abakwaZondi.
uLusibalukhulu wazala uDlamini, yena wazala uNhlabintshiseko obizwa ngoZondi yena owazala uGagashe, yena wazala uGasa owazala uNsele noTetemane. uTetemane wazala uNondaba, uSobanda, uMuqa noMmangasi.
Indlu kaNsele
uNsele wazala uNomagagu, yena wazala uDlaba owazala uDibinyeka, yena wazala umzimba ozala uMaqgulu owaziwa futhi ngelika Mhlola yena wase ezala uDlokwakhe owazala uQalabantu, kwathi yena wazala inkosi uSondelani eseyakhothama.
Indlu yakwaMpumuza
uMuqa kaTetemane wazala uSobangwa yena owazala uMakhwata owazala uMpumuza ozala uNgwane noNtshiza. uNgwane wazala uNobandla noXesibe. uNobandla wazala uTelegu owazala uLaduma noBhevu. uLaduma wazala uBhekizizwe owazala inkosi uNsikayezwe okunguyena obusayo njengamanje. uNontshiza wazala uYenge, yena wazala uMqayika. uXesibe wazala uJingose. uBhevu wazala uBangumuzi.
Indlu yaseNgome, eMdlovana
uNondaba wazala uNomashumi, yena wazala uSondaba owazala uJangeni, yena wazala uMancinza owazala uBhambatha, yena wazala uBulawayo owazala uKhulekani yena ozale inkosi uMbongeleni esakhothama.
Indlu yakwaNongamlana, eNkandla
uMmangasi wazala uMjongisi, yena ozale uNomaqele, ozala uNoyeke yena owazala uNongamlana ozala uTatiyane kwathi yena wazala uSidumuka owazala uNondumo ozala inkosi uVelaphi.
source : https://iafrika.org/izithakazelo-nomlando-wakwa-zondi/
Umlando wakwa Zondi
Abantu bakwaZondi bangamaNguni angamaLala ngokwezigaba zabeNguni. Abantu bakwaZondi batholokala kulo lonke leli lakwaZulu Natali nakwezinye izindawo kuleli laseNingizimu Afrika, kanye naseSwazini imbala. Lesi sibongo sinabantu abaningi futhi kunamakhosi abusayo ezabelweni zawo.
Esifundeni saseMgungundlovu kunezabelo ezimbili zakwaZondi ,Lezo zindawo noma izabelo , iNadi noMpumuza. Abantu baseNadi namuhla babuswa inkosi uSondelani ongumzukulu kaDlokwakhe owabe ezalwa uMhlola. AbakwaMpumuza bona babuswa inkosi uNsikayezwe Zondi ozalwa inkosi uBhekizizwe indodana yenkosi uLaduma Zondi.
Emandulo abantu bakwaZondi babakhelene nabantu bakwaNxamalala. Laba bantu bakwaNxamalala babakhe lapho umfula uThukela luhlangana khona nomfula iMpofana (Mooi River). Kunomfula osuka emagqumeni udabule kule ndawo lapho kwakkwakhe khona abantu bakwaNxamalala. Lo mfula ubizwa ngokuthi iNadi. Laba bantu ababezibiza ngokuthi bangamaNadi kwabe kungabantu bakwaZondi. Iqembu lesibili lalaba bantu bakwaZondi lalakhe enhla nesigodi somfula iMpanza, babezibiza ngokuthi bangabakwaMpumuza. Ngesikhathi sombuso weLembe lawa maqembu amabili abantu bakwaZondi ayebuswa amakhosi amabili, kuyilelo nalelo iqembu linomholi walo. Labo ababakhe bagudla umfula iNadi , ababezibiza ngokuthi bangamaNadi , babebuswa uNomagaga . Iqembu elalakhe enhla nesigodi somfula iMpanza, elalizibiza ngokuthi lingamaMpumuza, lona lalibuswa nguMaqenge.
Emuva kokunqoba abantu baseMaphephetheni impi kaShaka yawela iNadi yahlasela abantu bakwaZondi. Abantu bakwaZondi babaleka bangena emahlathini. Impi yakwaZulu yaqoqa zonke izinkomo zabo, yaziqhuba, yashishinga yahamba nazo. Abantu bakwaZondi bebona le senzo sempi yakwaZulu, ihamba nezinkomo zabo, imuka nazo, baphuma emahlathini. Abanye babalekela kubantu bakwaNxamalala. Abanye bayozinikela kwiLembe. Ngesikhathi abanye beyozinikela ngaphansi kombuso kaShaka, abanye basala lapho endaweni ababakhe kuyona. Labo abasala base bebuswa uDlaba owabe esengumholi wabo emuva kokukhothama kukaYise UNomagaga Kwathi ngesikhathi sombuso kaDingane kwelakwaZulu, iningi labantu bakwaZondi labona kufanele lilifulathele elakwaZulu. Bafuduka bahamba balibhekisa eBhodwe. Bafika eBhodwe bakha endweni ebizwa ngegama iZwartkop. Ngaleso sikhathi ngaleso sikhathi abantu bakwa uNomagaga base bebuswa uDlaba. Leli elinye iqembu elabe laziwa ngokuthi elakwaMpumuza labe selibuswa uNondaba ngesikhathi lifika kulendawo yaseZwartkop esesifundeni saseMgungundlovu. Okunye okutholakala emlandweni obhalliwe ukuthi ngesikhathi lamaqembu efuduka elibangise eningizimu, bakhona abasala kuleyo ndawo esesegodini somfula iMpanza. Leli qembu lenqaba ukufuduka, lihambe lishiye indawo yokhokho balo. Lelo qembu elasalayo labe seliholwa nguJangeni owabe eyindodana kaMaqenge. Njengoba besingichazile ukuthi lapha esifundeni saseMgungundlovu kunezabelo ezimbili zamakhosi akwaZondi. Lezi zabelo zibizwa ngamagama ahlukene, iNadi noMpumuza. Lamagama kuseyiwo ababebizwa ngawo ngesikhathi besakhe ezindaweni zabo ezabe zigudle imifula emibili, iNadi neMpanza.
Isabelo saseNadi sabizwa ngomfula iNadi, ngokunjalo labo bantu bakwaZondi ababakhe lapho babizwa ngokuthi amaNadi , Isabelo sakwaMpumuza sibizwa ngalabo bantu bakwaZondi ababakhe esigobini somfula iMpanza. Labo bantu bakwaZondi babezibiza ngokuthi bangabantu bakwaMpumuza noma amaMpumuza.
Ukuqambeka kwesibongo sakwaZondi : Kuthiwa lesi sibongo sakwaZondi saqambeka ngesizathu sokuganga . Kwasuka omunye wesilisa wakhona emdenini waqomisa indodakazi kaNondaba. Lesi senzo samholela esigcawini sokuqulwa kwamacala. Wazithola esemi phambi kwamalunga omndeni owabe uhlangene ukuzoqula, udingide udaba lwakhe lokuqomisa indodakazi kaNondaba.
Sebequla memphenya lo mlisa bezwakala sebethi, “Lesi senzo sakho sibi , sikhombisa ukuthi wena uyamzonda uNondaba .” Bamklokloma bonke bathi ‘Uyamzonda uNondaba wena! Uzonda uNondaba wena!”
Lawo mazwi abawaphimisayo ayethi lowo mlisa ngenxa yaleso senzo sakhe sokuqomisa indodakazi kaNondaba sikhombisa ukuthi lokho kwabe kuyisenzo esasikhombisa ukuthi uyamzonda uNondaba. Kusukela kuleso sigameko selunga lomndeni.
Kusukela kuleso sigameko lelo lunga lomndeni labizwa ngokuthi linguZond’uNondaba. Ngokubizwa ngaleli gama kwaba sekuba ukuqambeka kwesibongo sakhe. Ngakho -ke bonke abazalo lwakhe babizwa ngokuthi bangabantu bakwaZondi.
Emlandweni wabantu bakwaZondi sitholile ukuthi ozalweni lukaMaqenge kukhona abangafudukanga ngesikhathi amanye amaqembu ebhekise amabombo esifundeni saseMgungundlovu. Labo abasala babeholwa nguJangeni indodana kaMaqenge. UJangeni wazala uMancinza owazala uBhambatha. UBhambatha yiqhawe lwakwaZondi elalwa namaNgisi ukuze abantu bangaphoqwa ukuthela imali yamakhanda. Lempi yalwa ngo1906, yaziwa ngokuthi yiMpi yamakhanda. UBhambatha yena owanothisa umlando wesibongo sakwaZondi.
–uNondaba yena uzalwa endlini encane kaLuqa kaGagashe. endlunkulu kuzalwa khona uSobangwa kaLuqa kaGagashe kaNhlabathileko kaLusibalukhulu kaDlamini kaMndlovu.
-uNondaba yena wazala uMmangali noNomashumiu
-Nomashumi yena wazala uMagenge
-uMagenge wazala uJangeni
-uJangeni wazala uMancinza owazala uBhambatha noFunizwe
-uBhambatha wazala uNdabayakhe
Zonke izindlu zakwaZondi ziphuma kuLuqa kaGagashe
-Inkosi uLaduma izalwa uTeleleku
-kaNobanda kaNgwane
-kaMpumuza kaMakhwetha
-kaSobangwa
-Yena Uladuma wazala uBhekizizwe ozala uNsikayezwe.
Inkosi eyaduma kwaZondi uMhlola kaMzimba kaDibinyika kaDlaba kaNomagaga kaNsele kaSivunya kwaGwamanda
-uMhlola wase yena ezala uDlokwakhe, yena wazala uSondelani okuyinkosi ebusayoyena undowendlu enkulu.