Abantu bakwaZondo kusengabantu baseBathiyaneni. BangabaNguni bohlobo lwaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni. UZondo okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaZondo wayengenye yamadodana kaSokotshane kaDlabela. Ukhokho wabo bonke abantu baseBathiyaneni nguMthiyane okwaqanjwa ngaye isizwe saseBathiyaneni . UMthiyane wazala uNoxoko. Laba bantu bakwaMthiyane ngenkathi besuka enhla nezwe nokuyilapho bonke abaNguni bavela khona babekanye nabaNtungwa . UNoxoko wazala amadodana amaningi kodwa kwagqama kakhulu oSikhangane noSokotshane . USikhangane wabe eyinkosana. Ngaleso sikhathi abantu bakwaZondo babesaziwa ngokuthi bangabakwaMthiyane ,wayengakazalwa uZondo okwaqanjwa ngaye isibongo. USokotshane owazala abakwaZondo ngoba nguyena owazala uZondo okwagcina kuwanjwe ngaye isibongo. USikhangane yena singasho singangabazi sithi nguyena nguyena owazala aBathiyane abasebenzisa uMthiyane noSokhulu njengezibongo namuhla.
Inkosana kaNoxoko kwakunguSikhangane , yona yazala uDlabela owagcina ethole indawo kwelakwaMthethwa ngenxa yobuqhawe bakhe. Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa inkosi uKhayi kaXaba eyazala inkosi uJobe yona yazala inkosi uDingiswayo yaBathethwa . UDlabela izwe lakhe ayeljsikelwe inkosi uKhayi walibiza ngokuthi kuwaSokhulu esusela kwelinye lamagama kaMthiyane. Kwahamba kwahamba nabantu bakhe bagcina sebesebenzisa uSokhulu njengesibongo,kodwa abanye baqhubeka noMthiyane.
USokotshane yena wanamathela kakhulu kubantu bakwaKhumalo simthola elokhu akhe khona eNgome kanye nabakwaKhumalo . Ukuxhumana kukaMntungwa noMthiyane kufakazelwa nayizihlahla ezimbili iNqayi elimhloohe neNqayi elimnyama . INqayi elimnyama kuthiwa linguMthiyane uqobo lwakhe,kanti elimhlophe lona kuthiwa linguMntungwa uqobo . Izinsizwa zakwaMthiyane akumele zilishiye nangephutha iNqayi elimnyama ekuthakeni izinduku zazo, kanti nazo ezakwaMntungwa azilishiyi iNqayi elimhlopje ezindukwini zazo.
USokotshane wazala uZondo nabanye . UZondo yena wazala uMabhedu,uBulawayo, uGulukudwane, uDunga, uSiyendane,uNjomisa, uMahele nabanye . USokotshane waphila isikhathi esinde kangangokuthi noZondo naye waze wazala abantwana abakhula baba izinsizwa esaphila uSokotshane, nabo bazala abantwana esaphila unkhulu wabo uSokotshane . USokotshane wagcina etholele abazukulu bakhe oSiyendane noNjomisa indawo eNquthu. Ngakho-ke bonke abakwaZondo abaseNquthu nakoMnambithi bawuzalo lukaSiyendane noNjombisa.
UGulukudwane kaZondo yena wathandwa kakhulu nguMzilikazi Khumalo . Kuthiwa uGulukudwane wayeyisanuse esasikwazi ukunuka abantu abangabathakathi . Futhi nguyena owayeqinisa imoj yenkosi uMzilikazi . Wagcina eseyisilomo kuMzilikazi kangangokuthi uMzilikazi wagcina ekhuphuke naye wabheka lapho sekuseZimbabwe khona namuhla. UMzilikazi wagcina esezakhele isizwe salhe sabaThwakazi . Singasho nje ukuthi uMzilikazi naye wakhothama esiyiSilo ,esekhothanyelwa ngezinye izizwe . Nasiya isizwe sabaThwakazi eNingizimu yezwe laseZimbabwe . UGulukudwane wayelokhu esaphila nangesikhathi seSilo uLobhengula kaMzilikazi . Walwa cishe zonke izimpi zabaThwakazi . Walwa nakweyaseGadade nokuyilapho aBaThwakazi behlulwa khona amaNgisi kaCecil John Rhodes ngowe 1893. Kuleyo mpi kwafa amabutho amaningi kakhulu esizwe sabaThwakazi ,kungenzeka ukuthi naye uGulukudwane wasala kuleyo mpi.
USiyendane wazala uMlonyeni owazala uMbekeni . UMbekeni yena wazala uNhlomela owazala uMkhonto owazala uNdlumnyama noMntugwana .
AbakwaSokhulu bona belamana kanje:
USikhangane kaNoxoko wazala uDlabela owazala uLanga owazala uNqoboka iqhawe elikhulu leSilo uShaka . UNqoboka neSilo uShaka bakhula ndawonye bekhuliswa inkosi uDingiswayo kanye noNgomane kaMqombili Mdletshe owababuthela bobabili ebuthweni leZichwe. UNqoboka wayezalwa intombi yakwaMthethwa,engumshana wenkosi uDingiswayo. . UNqoboka yena wazala Nontshobo ,uSiqasha nabanye. USiqasha wasala eSandlwana evikela izwe lakwaZulu emaNgisini. Ngaleso sikhathi izwe lakwaZulu lalibuswa iSilo uCetshwayo kaMpande . Empini yaseSandlwana uZulu wazidlela amahlanga emaNgisini. UNontshobo wazala uDlemudlemu owazala uMhawu .
ithathwe : https://www.facebook.com/IzibongoZamakhosiAkwazulu/posts/3244034815607437
Imvelaphi yabantu bakwaZondo idabuka kuMthiyane (uSokhulu) yena owazalwa uSikhangane noSonkatshana. Ngokomlando nangokwezigaba zamaNguni, bona bangamaNtungwa-Nguni ngenxa yokuthi umlando usiholela emthonjeni wabo okuwuKhumalo lapho bephuma khona.
UMthiyane wayenamadodana kwase kuthi eyodwa yawo lapho ehlukana yase iyokwakha kwelakwaMthethwa. Ngalesosikhathi babehlala eLenjane koNtabankulu kwaba nguSokatshana owanquma ukwakhelana nabaseMatshalini. Ingxabano yasuswa amaTshali ngesikhathi kuthulekile kahle nje, lapho amaTshali esechukuluza bona abakwaMthiyane ibabiza ngabeSotho lokho okungehlanga kahle kubantu basemaTshalini.
Enye into eyadala uthuthuvane phakathi kwalezizibongo umbango womfula iLenjane. Isiphetho esaba muncu ilapho uSokasthana etshela amabutho akhe ukuthi abashintshe umzila walomfula iLenjane bayimbe ingabe isabheka ngaseMatshalini wathi ufuna ibheke eningizimu.
Lengxabano eyayilokhu ivunguza yaphetha ngokuthi kube nempi eyaphela kwehlulwe abaseMatshalini. Ngenxa yalokho ke uSokatshana wabe esezitholela izwe kanjalo lapho ebekuqube khona abantu bakwaMthiyane.
Indodana kaSokatshana ayizala wanquma ukuyiqamba igama wathi uZondo ngoba ethi bayamzonda abantu baseMatshalini. Ngenxa yokuthi waba nogazi uZondo kuzalo lwakhe, nalo ke lwanquma ukuthi luzibize ngaye uZondo, kwase kuba wukuthi balisebenzise njengesibongo. Umfula iLenjane idabula eBaQulusini enyakatho nesifunda sakwaZulu Natal.
Ngezikhathi zezimpi ezinkulu lapho iSilo uShaka sisahlanganisa izizwe sihlasela, uZondo esinye sezibongo esake sahlela ukusihlasela. Kwathi lapho uSokatshana ezwa ukuhebeza kwalokho kuhlasela kweSilo, wathatha abazukulu bakhe ababili ababezalwa yindodana yakhe okwakunguye qobo lwakhe uZondo, okwabe kunguNjombisa noSiyendane abazukulu wathi mabayiswe eNquthu ukuze babhace khona, enzela ukuthi ngesikhathi uShaka ebahlasela bona, uSokatshana nendodana yakhe uZondo befa ngesikhathi sokulwa, bakwazi bona ukungena abafazi babo baqhubeke nozalo. Nakho ke impi isivivelene esekuhaqa phansi uthuthuva amabutho esenuka intelezi, uShaka wanquma ukuba ingaqhubeki wase esehlangana noSokatshana baxhawulana bathelelana amanzi.
Isizathu esinzulu asidalulwa kahle hle kodwa emva kwalokho kuthelelana kwabo amanzi, base bengabangani abakhulu. UZondo waba yiqhawe ke ngoba kwesinye isikhathi kwakuthi uma kunempi ahlasele yedwa alwe anqobe. Kuthiwa izimpunga zakwaZondo zazimthanda uZondo engaweli phansi kubo uma bekhuluma ngaye, zoncome ubuqhawe bakhe kangangokuthi uma esuke eye empini, zazibuza ngokukhulu ukunakekela ukuthi ubuyile yini empini, bese zikhombisa injabulo uma sezimbona noma zizwa ukuthi ubuyile. Kanti kwathi ngelinye ilanga lapho kuyiwe empini, uZondo wangabuyi, enye impunga uma ibuza ukuthi ubuyile yini, kunokuba liphendule ibutho lelo, lathi makubuzwe kuSokatshana, uyena onempendulo.
Amanye amabutho ase ephendula ngokuthi uZondo usale empini, elinye lamakhehla lashayeka phansi lafa. Kusukela lapho kwase kuqalwa ihubo elithi, kuze kube manje lelo hubo lisasetshenziswa kwaZondo.
“UZondo,
uZondo akasekho,
uZondo akenibuze uSokatshana”
Laba bazukulu emva kwayo leyompi eyayizohlasela, abazange besabuyela emuva lapho eNquthu njengesifiso sikamkhulu wabo uSokatshana. Ngenxa yalokho baqhuba uzalo lwabo olutholakala eNquthu nasemaNgwaneni eBergville.
LaboMthiyane bona ke abazalani nabaseMandlazini abaphuma kwaCele. Ubukhosi bakhona bulaphaya eNtambanana eMpangeni.
Nansi indlela abalamana ngayo:
uMthiyane kaNoxongo wazala uSokatshana, yena owazala uZondo, uZondo wazala uSiyendane noNjombisa, noDunga noMahele.
USiyendane wazala uMlonyeni yena owazala uMbhekeni, uMbhekeni wazala uNhlomela, uNhlomela wazala uMkhonto, uMahele wazala uNdlumnyamana noMntungwana.
Source : https://www.ulwaziprogramme.org/izithakazelo-nomlando-wabantu-bakwazondo/
Umlando wakwaZondo
Abantu bakwa Zondo isibongo sabo nemvelaphi yabo ngabakwa Mthiyane bango Sokhulu. Ebuhlangeni bayinzalo yohlanga lwama Khoisan ( AmaLawu). Lokho ke kuchaza ukuthi banga Bathwa noma bayinzalo yegazi eliyingxube yase Asia nelase Afrika. Bahlobana kakhulu nama China. UbuNguni babuthole ngenxa yokuhlangana naBenguni base beganiselana nabo ngaleyondlela ke base belithola nabo leligazi lobunguni.Abenguni abahlangane nabo bakha nabo ubuhlobo obukhulu kube ngamaNtungwa nokugqame kakhulu kuwona uSokhumayo( Sokhumalo ngesiNguni esiqinile) abasibona abakwaSokhumalo kodwa babakhelene futhi beganiselana no Sokhumalo kwaseke kudaleke lomlando ke omkhulu wokusondelana nokuhlobana kwabo okukhulu. Lomlando ke baze bafakazisa nangezihlahla okuyiNqayi elimnyama okuthiwa linguMthiyane uqobo bese kuthi iNqayi elimhlophe kuthiwe lingu Mntungwa uqobo. Lomlando ke omuhle kangaka uthukuswe yilawaya mahlathi amnyama aseNgome nokuyiyondawo ka Mthiyane no Mntungwa yenkaba. Akesigxume kancane silungise laphayana ku Zondo . UZondo ka Sokotshane wakwa Mthiyane ungiyise wezinsizwa ezintathu okungo Hlangahlanga, Mabhedu , no Bulawayo. Uma uZondo sebembulele abathakathi uyise u Sokotshane wathatha izingane zakhe ezimbili okwakungu Hlangahlanga no Mabhedu wayobafihla eMhlungwaneni ngase Ncome phakathi kwe Dundee ne Vryheid. U Bulawayo yena ukhuliswe wuNdlumnyama eNgome eNtendeka . U Njomisa no Ngabula no Dunga no Mgoboyi no Siyendane nabanye babengabafowabo baka Zondo bezalwa wu Sokotshane wakwa Mthiyane. Ngizobala nje abambalwa u Njomisa ungukhokho wesizwe sakwa Mthiyane esilaphayana eMsinga, umuzi wakhe ubizwa ngokuthi ” kuse ” Caleni”. U Ngabule ungukhokho wesizwe sakwa Mthiyane esilaphayana oPhongolo, Mpumalanga nase Swazini. Uhlangahlanga no Mabhedu bangokhokho besizwe sakwa Mthiyane esilaphayana ebaQulusini nase Nquthu. Asime ke lapha silindele abangaba nemibuzo noma imibono.
Imizi yamadodana ka Sokotshane imi ngokulandelayo. u Zondo umuzi wakhe kuthiwa kuse ” Baleni” , u Dunga wakhe umuzi waso ” Dongeni”, u Ndlumnyama wakhe iMfananamuzi nokuyilapho akhulisele khona izintandane zakwabo kodwa ke umuzi wakhe ubizwa ngokuthi kuse” Hlekevini” iHlekevu ke yilona elibe yigumbi elikhulu elikhuluse lakhusela amaqhawe nezintandane zamaqhawe akwa Mthiyane ayesale ezimpini zabathakathi bakwazulu. uBulawayo uphume khona ehlekevini wakha umuzi kayise u Zondo umuzi wase ” Baleni” nomuzi wasoNtshinganeni uphume khona ekukhoseleni eHlekevini ngenxa yobuntandane ababudalwe wubulwane bezimpi zababulali nabathakathi bakwazulu. iqhawe elikhulu lakwa Mthiyane u Thulinsangu nalo lakhothamela khona laphayana e Hlekevini. umuzi kaNdlumnyama yiwona owakhusela zonke izintandane zakwabo futhi baningi abakhothama behlala kuwona lomuzi. uMgoboyi ke yena wakhe umuzi wase Mpangisweni. akesibuke isizathu esibeyimbangela yokuntinta nobuntandane babantu bakwa Mthiyane. Njengoba sazi ukuthi abantu bakwa Mthiyane basuke eNtabazwe, Harrismith) bayozinza eNgome abanye babuye bayishiya iNgome baya eMpumalanga okuyiseMadlanzini . eNgome ke bahlukunyeziwe bahlushwa ngamabhunu ayebadudula ngoba esephiwe leyandawo wu Dinizulu wakwa zulu. u Dinuzulu nguyena ke owathengisa ngabantu bakwaMthiyane emabhunwini. kuthe uma sebentinta wayesebakhohlisa nje ngokubabeka laphayana esikhaleni somfula uNtsonyane oSuthu nokuhambe kwahamba naleyondawo yabuye yathathwa yankanjelwa ngezingcingo nokuyilapho ke uBheshuklebhuka owayewumholi wabakwaMthiyane ngalesosikhathi wabaqoqa abafowabo wathi mabalwisane nesihluku nobulwane bendlunkulu yakwazulu. lokhu ke kwenzeke emva kokuba owayeyisilo ngalesosikhathi esithumele izigcilikisha zakhe ukuba ziyodla izinkomo kwisibaya nesibaya sakwa Mthiyane. lesosenzo saholela ekutheni abakwa Mthiyane ngobuholi buka Msindo uBheshuklebhuka bayimangalele inkosi yabakwazulu nokuyicala elayilahlayo yadliwa yaphoqwa nayinkantolo ukubuyisela izinkomo zaMathiyane. emva kwalokho abakwa Mthiyane bahlakazwa phakathi ngamaqili akwazulu aganisela no Magungwana owayewumfowabo ka Msindo intombi yakwazulu basememnika namandla okuphatha impangiso nokuyindawo yesizwe sakwa Madide. abakwazulu bangena njengempehla phakathi kwesizwe sakwa Mthiyane basidunga basixova basiphendula sabayizitha zika Msindo ka Sholosholo ka Ndlumnyama ka Sokotshane owayewumholi wabo. ekugcineni bamephuca no Mkhwakhwa ithunjana lakwabo balinika indawo yokwakha baliphendula isitha segazi lowakwabo. bathatha nendlu encane ka Sikwata owelama uSholosholo bayinika amandla angaphezulu kuka Msindo. ababesale eNgome babanjwa benziwa izigqila nezisebenzi zamapulazi amabhunu. kwabanokuhlukana nokuvukelana kwalesisizwe sika Mthiyane nokwaholele ekuguleni okuyindida kuka Msindo nokwaphetha ngokuba kumenele akhothame esengungingasithebeni endaweni yasosuthu kwaNongoma ebizwa ngokuthi yise ” Mhambuma” Nanamuhla isizwe sakwa Mthiyane siyinhlakanhlaka abanye basazondla ngobumbuka nobuncethencethe endlunkulu yabakwazulu. nokho ke noma indlu isha kodwa zibakhona izinsalela ezibawufakaazi bokuthi noma lendlu isingabukeka ingenye indlela kodwa kodwa zona zimele ukuveza iqiniso nobunjalo besimo singakaguqulwa. sisenawo amaqhawe akithi anjengo MB Zondo angeke nje nhlobo avume ukumbiswa ngabafana bakweminye imizi iqanda lenjelwane. abadla igazi nosizi lokhokho babo bangaziqhubekela nje bondliwe yizitha zegazi labo thina asisobe sizibeke phansi izikhali siyofa sisempini njengomkhulu nokhokho bethu futhi ngeke sizikhothamele izitha zegazi lethu. noma yini uma sike salithola ithuba siyoziphindiselela kubabulali begazi lethu futhi siziqumbe phansi izitha zethu futhi noma yikanjani noma kunini sizozidiliza lezizintaba abaningi abacabanga ukuthi ngeke zidilike. Benguni ake sihlabe ikhefu siphuze namanzi.
Ngibonge kozikhathazile ngomlando wakwaZondo. Indima isiklamekile,sekungukulungisa amaphuthana.Ngicela ogxekayo alungise phela,ngoba ukugxeka ungakhi akusisizi ngalutho.Ngingathokoza uma singaxhumana nomqali wendlela,ngiphose nami esivivaneni .Ungapheli amandla.Kuhle ukuzama ukunokuhluleka ukucabanga ukuzama.
Ngaze ngawuthakasela nanku umlando wakithi. Ngicela ukuxhunyaniswa nomlobi. Kuningi esingakwenza sihlangene.
Ngiyajonga kakhulu umlando ojule kangaka kodwa angiyitholi kahle ingonyuluka la yomsuka.. uhlaziyayo Uma ethi siwumsuka we Asia namaChina .. afike noma aye kwelikaMthaniya ngaziphi ikhathi zempi emlandweni website saMaZulu
Aganiselana njani ukuze kuphume ikhoyisani nomuntu onguZondo