Imvelaphi yabantu bakwaZuma
INKOSI uMafahleni kaLugaju kaMatomela Zuma owayeyinkosi yengxenye yesizwe sakwaZuma eMpendle ngeminyaka ye-1880 nowayenolwazi lomlando wakwaZuma, watshela uC. A. Wheelwright, uKhomishane oMkhulu weZindaba zaBantu eMgungundlovu mhla zi-19 kuNhlolanja 1919 ukuthi abantu bakwaZuma badabuka eLesotho.
Lapha kukhulunywa ngeLesotho ingakaguqulwa imingcele yayo, isahamba ize imbandakanye iBloemfontein namaphethelo. Yayingakathathwa ngabelungu, nokuyinto eyenzeke ngowezi-1854 ngeBloemfontein Convention iqolwa ngamaBhunu neNgilandi.
Lokhu kwaba nomphumela wesifundazwe samaBhunu esabizwa nge-Orange Free State Republic. UMfundisi A. T. Bryant encwadini yakhe ethi: History of the Zulu and the neighbouring Tribes, uyavumelana nokushiwo yiNkosi uMafahleni.
Kule ncwadi uphinde athi isizwe sakwaZuma sasakhe endaweni ekhosele emfuleni iMpofana nalapho uThukela lufike lwenze khona ijika elikhulu. Kwakungesikhathi seNkosi uMsholozi kaMatomela. Isizwe sakwaNxamalala sasakhelene nesizwe sakwaZondi nesakwaDlamini.
Kwenye incwadi yakhe ethi: Olden Times in Zululand & Natal, u-A. T. Bryant uthi abantu bakwaZuma badabuka kubaPedi nabaTlokwa kodwa akabuvezi ubufakazi balokho. Uthi beqa izintaba zoKhahlamba bafika endaweni eyayingaphansi kweNkosi uMnikathi wesizwe samaDeke. Lesi sizwe sagcina sigwinywe ngesakwaZuma ingxenyana yaso yazimbandakanya nabasemaKhabeleni. Isizwe sakwaZuma sazuza ulwazi oluningi lokulima ummbila emaDeke.
- Ubaba kaGayeni kaMatomela, imbongi yesizwe sakwaZuma
Imbongi enkulu yesizwe sakwaZuma kwakungu Baba kaGayeni kaMatomela. Wayeneminyaka engama-70 ngonyaka we-1918.
Wayemfushane, emncane ngomzimba. Ekhanda wayethunge isicoco, esekhehlile enentshebe emhlophe, kodwa yena emnyama ngebala.
Ukuthunga isicoco kwakusho ukuhlonishwa kokugcina kumuntu wesilisa kwaZulu. Wayesithunga ekhanda aze ahambe emhlabeni. Uma eseshonile sasisikwa yinkosikazi yakhe engundlunkulu.
Wayengathunwa naso. Amakhosi akwaZuma: uShisa, uMatomela, uSondaba, uLugaju, uMsholozi, uMnyakanya noNdukuyakhe kanye namaqhawe oMhlamunye kaMatomela noGayeni kaMatomela izibongo zabo baziqanjwa nguBaba kaGayeni imbongi.
Nxa ebongela iNkosi uShisa kaBonako uthi ungu “Vezandaba.” Aphinde athi “unguMashiya kuliwa.”
- INkosi uMatomela kaShisa Zuma
Eminye imizi yeNkosi uMatomela kwakukwaNtunja nakwaMathethane. Ezibongweni zikaMatomela imbongi yesizwe uBaba kaGayeni uyasiveza isithombe sobuhlobo neNdlunkulu yoBukhosi bakwaZulu ngokuveza amagama ezingonyama ezindala zakhona kwaZulu. Uma ethi iNkosi uMatomela ingu “Sala boJama onjengobhedu.” Aphinde asivezele elinye igama leNgonyama uMalandela lapho ethi: “uboya bezimvu zakwaMalandela.”
Esinye sezizwe ezinkulu esasakhelene nesakwaNxamalala naso esinamaqhawe ngesaBambo, kwaMkhize. Lezi zizwe zazingamaqhawe zombili zihloniphana. Lokhu uBaba kaGayeni uyakuveza ezibongweni zikaMatomela nxa ethi iNkosi uMatomela ingu “Maxhaxhasa ongenyama yaBambo.” Kwakunzima ukuhlasela uMatomela ngoba wayeyi “ngwaq’ engamatshe.” Wayefana nenqaba okwakungelula ukungena kuyo.
Ubuqhawe beNkosi uMatomeia uBaba kaGayeni uphinde abuveze lapho ethi iyi “nyath’ emnyama emagomajolo nosomlandu ohawu lidl’ abantu.” Wayengesabi ukuqala okwakhe angalandeli osekuqalwe ngabanye abantu.
Ngakho-ke waze wabongwa ngokuthi uyi “sihlwathika esingahambi ngezindlela. Ngoba uma ehambe ngezindlela kuyobe konakele.”
Noma wayezenzela okwakhe kodwa abantu bebemuzwa. “Udumaphansi bamuzwe ngezinyawo ngalokho.” Ngakho-ke uBaba kaGayeni iNkosi uMatomela uyibonga kanje:
Ingwan’ emehlwan’ abomvana! YakwaMathathane. uSala boJama, onjengobhedu, Uboya bezimvu zakwaMalandela. Wafumanis’ ugoqodo lubethelwe! Enkundleni kaMafusi. Walubuka ngamehlo, Iwaseludabuka. uHlohlonde
- Ubuqhawe bukaMhlamunye kaMatomela
Enye yamadodana kaMatomela eyagqama kakhulu ngobuqhawe bayo uMhlamunye. Wagqama empini isizwe sakwaZuma esayilwa nesizwe saseMakhabeleni esasakhelene naso. Kuleyo mpi uMhlamunye wagwaza amabutho amaningi aseMakhabeleni.
Ngendlela ayephonseka ngayo esitheni waze wanikezwa izibongo ezithi: “ugijimisa okwefana eliphezulu.” Kuleyo mpi wahlabana ngokudla izinkomo zakwaMandiza. Ngalobo buqhawe bakhe uBaba kaGayeni wambonga kanje:
Umlakalak’ ungafu! uGijimisa kwefan’ eliphezulu, Isigaqeni, Sagaqel’ izinkomo zakwaMandiza. uMlukumbela kaJiyane! uMbangi wezicwazi, Laph’ esafa khona.
- Ukuqhathwa kukaMsholozi noZihlandlo
INkosi uMsholozi yayingesinye sezikhulu zeNgonyama uShaka elingana noZihlandlo kaGcwabe, Magaye kaDibandlela Cele, uNzwakele kaKhushwayo Dube, uMdlaka kaNcidi Ntshangase nabanye.
Akuqondakali ukuthi imbangela yokuthi iNgonyama uShaka imqhathe noZihlandlo Mkhize kwaba yini. Nokho lokhu kwenzeka noma uZihlandlo noMsholozi babengaxabene futhi bengomakhelwane. Bobabili oMsholozi noZihlandlo babenamabutho anamandla futhi ayaziyo impi.
INgonyama uShaka yakhipha izinduna zayo ezimbili, uNsizi Biyela noSikhunyana Nkwanyana ukuyoqapha ukuqhubeka kwempi phakathi kwezikhulu zayo. Impi kaMsholozi yadla umhlanganiso esigabeni sokuqala okwakuyisigaba lapho uMsholozi wayebhekene khona noZihlandlo.
Esigabeni sesibili esasithathwa njengesigaba lapho uSambela kaGcwabe, induna enkulu kaZihlandlo wayebhekene khona noGayeni kaMatomela induna enkulu kaMsholozi isimo saguquka wehlulwa uGayeni.
- Isiwombe sokuqala sempi
Impi kaZihlandlo, iSimahla, yawela naye uThukela lapho yayizobhekana khona nekaMsholozi. Impi kaZihlandlo isiluwelile uThukela yasuka lapho yalala eNkilingini, enhla noThukela ezinkwazini zalo.
Impi kaSambela uMngenela yona yayingekho kulesi siwombe sokuqala. Impi kaZihlandlo iSimahla yawela ngezibuko loThukela elingezansi ngalo lelo langa. Ngenkathi iwela izinhloli zempi kaMsholozi zayibona yase ilalelwa unyendle ezindaweni eziqhelelene ngebanga elingu-4.8km.
Yaphikelela phambi impi kaZihlandlo ingazelele lutho. Kuthe isendleleni yavukelwa ngamabutho empi kaMsholozi yagwazwa ibhece. Ngenkathi kwenzeka lokhu amanye amabutho empi kaZihlandlo ayesasonge ngisho izihlangu zawo.
Impi kaMsholozi yawela uThukela kuqala ingakaluweli ekaZihlandlo. Kuthe uma impi kaZihlandlo isiwela uThukela yabe isiyilalele unyendle lapho eyayizokwedlula khona. Yadla umhlanganiso kanjalo ekaMsholozi kaMatomela.
Emabuthweni kaZihlandlo asala enkundleni kwaba uNomagaga kaViliza Gcwensa induna enkulu yempi kaZihlandlo. Impi kaMsholozi yaze yathatha ngisho isihlangu sakhe yahamba naso. Imbongi yesizwe sakwaZuma uBaba kaGayeni iyambala uNomagaga kaViliza Gcwensa ezibongweni zikaMsholozi. Lokhu kunqoba esiwombeni sokuqala sempi kwathathwa njengokwehlulwa kukaZihlandlo nguMsholozi.
Umlando wakwa Zuma
Umlando wabantu bakwaZuma ujulile, unzulu futhi ubanzi njengeziziba zoSuthu no Thukela sizolugqula nangezindondolo. Lomlando uhlukene kabili, kukhona lo ositshela ukuthi abantu bakwaZuma badabuka oSuthu, bangabaTlokwa, behla ngesilulu. Omunye ke umlando esiwutholayo uthi abantu bakwaZuma babengaphansi kweNkosi uShaka ngalenkathi isabusa kwaZulu. Kukhona esingeke sikwazi ukuthi kuyiqiniso elingakanani. Ngizobuya ngiwufake nawo lomlando wesibil, ngiwuthekele kubantu abehlukene.
Umlando usitshela ukuthi, kwathi uma iNkosi uShaka izwa ukuthi kukhona isizwe sabeSuthu esesizinze la kwaZulu. Yafuna ukuthi ibonane naleNkosi yabeSuthu, okwathi ekubonaneni kwabo kwaba namagama angehlanga kahle eNkosini uShaka uma bexoxa neNkosi yabeSuthu. Ilapho ke la kutholakala ukuthi uma behlangana amagama engasaqondani phakathi kweNkosi uShaka neyNkosi yabeSuthu. Kwabe sekuqhamuka khona la emabuthweni kaShaka insizwa egadlayo, seyigadla khona la kubeSuthu. Zabe seziyakhuza izinduna, ukuthi sathi sisadingida udaba olubanzi kanje wena wase uyagadla? Ukwenzelani lokho, ukwenzelani ukuthi uzume umuntu ngoba akuliwa, uyabona sisakhuluma la, ukwenzelani lokhu, lokuzuma umuntu? Ilapho ke lase liqhamuka khona lapho igama lika “Zuma” ngoba uvele wazuma umuntu kungalindelwe. Emva kwalelo gama ke likaZuma eselivelile usethi ke uShaka emabuthweni akhe wonke ehlangene esigodlweni sakhe. “mabutho ami namhlanje kukhona into engifuna ukunivezela yona esekunesikhathi yenzekile kodwa bengithule njengeNkosi” la uShaka usefuna ukuveza imfihlo ebekade ethuli nayo, lemfihlo le uma sebehlangene nesigungu sakhe useyakuveza ukuthi, “Niyambona uMatomela lo? Kudala ngambona ukuthi uyinkosi, uyinkosi uMatomela (lo owazuma umuntu) uyinkosi nize ningisize ke ngoba lento sengiyibonile isikhathi eside ukuthi inkosi le, izimpawu zakhe uma ngimbekile njenganeNkosi, kuyasho ukuthi uyinkosi impela. Amagalelo akhe ngiyawabona, inkosi le” utshela isizwe sonke, uthi “Nize ningisize ningambulali ngoba uma nike nambulala niyobe ningiqhathe nedlozi”. Kusho ukuthi ngalawo magama usebeka ukuthi noma ngabe kuthiwa kuphunywa izimpi, noma kuthiwa kwenzenjani kodwa lomuntu kumele agadwe kakhulu kusukela namuhla. Ahlale njalo enempilo ngokuthi unesikhundla sobukhosi. Amabutho wonke amangala ngoba uShaka akekho umuntu ayemesaba nje. Ukuthi lomuntu ozombiza ngokuthi uyinkosi uvelaphi? Kwawethusa kakhulu ke lokho amabutho. Lomuntu othi uShaka inkosi ekubeni kunguyena inkosi jikelele umuntu onjani lo.? Izinsizwa zibuzana zodwa. Kwawadida kakhulu lokhu amabutho. Emva kwesikhathi esekushilo lokhu uShaka abuye akuphinde futhi, asiqoqe isigodlo sakhe abatshele ngalomuntu, “Ningisize lokhu engangikukhuluma namanje ngisakukhuluma, nize ningisize lomuntu ningambulali, ngoba uma nike nambulala niyobe ningiqhathe nedlozi, niyobe nibulele mina uqobo”. Kudlule futhi lapho, okwesithathu kwabe sekungukukhipha isizwe samaNxamalala. Kulokhu kwesithathu wathi, “Cha sengibonile ukuthi sengibekezele kakhulu ukuthi ngihlale nalomuntu, ngokuthi uyinkosi njenganami, kudinga aphume aphele la, ayokwakha isizwe sakhe sakwaZuma. Sengizomkhipha ke manje namabutho wonke azohamba nawo azoba ngaphansi kwakhe ayofuna indawo la ezokwakha khona ayi la kwaZulu”. Okusho ukuthi sekuyisizwe sakwaZuma ke leso, isizwe samaNxamalala.
Umlando uthi basuka kwaZulu baphuma balibhekisa emaMpondweni, izinhliziyo sezibuhlungu ukuthi bakhishiwe laphaya kwaZulu, noma ke umlando ungasilandisi kahle ukuthi bafikela kuphi nendawo kwelasemaMpondweni, kodwa bafika babeka amadlangala lapho, kwakhiwa. Emva kwesikhathi kwabuya kwasuka izimpi khona la emaMpondweni kwakhona ukukhathazeka, ukuthio ayi engathi kungcono sibheke ezindaweni esiqhamuka ngakuzona lapho siqhamuke ngakhona. Kanti impi ize ngamandla base beyahlehla ke. Uma sithekela umlando walabantu bakwaZuma uthi bahlehla baze bayokwakha eMgungundlovana (Greytown) kuthe uma sebenesikhathi bakhile , sekukhona ke manje ukuthi baqala ukuqondana ngeziqu zamehlo nabelungu eMsunduzi (Pietermaritzburg).
Umlando uthi baxatshaniswa amanzi, abelungu babona amanzi engcolile, nabantu bakwaZuma nabo babona amanzi engcolile, akwaziwa ukuthi angcoliswa yini lamanzi bayabuzana la ukuthi ngabe angcoliswe yini lamanzi. Bajamelana bathi abelungu, “Yaa madoda nibekwa yini la, nifunani la? Nabantu bakwaZuma bathi yaa nina nibekwa yini la, nifunani la? Kubonakale ukuthi ngathi abantu bakwaZuma bazithela ngabandayo uma belokhu bebuzana nabelungu kanje. Naba nabelungu bababheke ngabovu amehlo achiphika igazi lesikhonyane kwabe ngathi bathelwe ngezibonkolo abamhlophe abelungu. Nasi nesizwe samaNxamalala sithi siyaphisela. Uthi ke umlando kwaqhamuka indoda yomlungu eyayikhuluma isiZulu. Yafika yababuzisisa Kahle ukuthi madoda njengoba nilapha niqhamuka kusiphi isizwe? Bathi sisizwe samaNxamalala esidabuka kwaZulu. Wabe esethi lomlungu, niyabona ke nje njengoba niyisizwe samaNxamalala esidabuka kwaZulu, sukani niphele langoba indawo yabelungu le, phindelani eMgungundlovana. Bahlakazeka ke lapho amaNxamalala, bazithele ngabandayo ngempela. Besazinzile eMgungundlovana yabe seyiyakhothama iNkosi uMatomela.
Inkosi uMatomela wayeshade uMaMkhize ozala inkosana uMsholozi Kanye nabanye abafowabo. Isizwe samaNxamalala sase sibambelela kuMsholozi okuyena inkosana yakwaZuma. Wasihola ke isizwe uMsholozi, ngaleso sikhathi kwakuye kube nezimpi, bathi isizwe esasi namandla kakhulu ezimpini isizwe samaBomvu ngaphesheya koThukela. Lesizwe sasibaphethe kabuhlungu abantu bakwaZuma, okuzothi ke kuleso sikhathi behlezi kabuhlungu nale sizwe samaBomvu, wayesenabafowabo ke uMsholozi, oMangcengceza Kanye neNkosi uLugaju Kanye nabanye ke bebaningi okwathi uMsholozi ebona ukuthi isizwe samaBomvu sithanda ukuba namandla wabe esebutha indlu yonke yakwabo wabhunga ukuthi, “Niyawabona amaBomvu asiphethe kanuhlungu okungagcina sekuvelise ingozi silahlekelwe iNkosi yethu uLugaju”. INkosi ulugaju uyena owaba iNkosi egqamile ukubutha abantu bakwaZuma. Kwabe sekuthiwa akathathwe ulugaju ayofihlwa, akube nabantu azohamba nabo. Wathathwa ke uLugaju wayofihlwa ehamba naye umfowabo uMangcengceza bafika bahlala eMsunduzi. Ngalesikhathi ebusa uMsholozi, athi amaBomvu uMsholozi lo unempi enkulu impela. Ahamba ke amaBomvu ayompimpa uMsholozi kuMbomboshe omnyama uDingane, afika athi, “we Silo sikaNdaba uyazi ukuthi uMsholozi usathukuthele kabi ukuthi wena wabulala umngani kaMatomela, wabe esethukuthela uDingane, Uma isiphepho somoya sesiphephula isikhukhukazi senyoni, amatshwele afukanyelwe ngunina ayalandela noMsholozi-ke uyoguqa kanjalo njengoba sekuwe uMatomela. Wabe esezinika umndindimana wamponjwana amaBomvu ehlisa umhlwenga ngalenkathi ecinga isu lokuguqa uMsholozi. Labe seliyavela isu lokuqumba phansi umbuso kaMsholozi. Kwakungukuthi azohamba amabutho kaDingane ayocela indawo yokuhlala kuMsholozi, nempela ahamba amabutho afike akhothame kuMsholozi athi, Nxamalala, Ndabezitha sesikhathele thina impi kaDingane, sesifile izimpi zikaDingane”. Umlando uthi uMsholozi-ke wayekhaliphile futhi ezithemba, kuthiwa waqonda kubona wathi, “yini ningobani, nifunani”. Aphinda akhuleka amabutho kaDingane baze bakhasa phansi. Abe esecela indawo yokuhlala ke amabutho. Wathu uMsholozi kulungile zinsizwa. Waqeda wayithatha indaba wayifaka esigodlweni nakumakhosikazi. Abantu besifazane bayibuka basola ukuthi la kukhona okushaya amanzi, uma bethi babalekile kwaZulu, aphi ke amakhosikazi abo, baphi abantwana babo? Kutholakale ukuthi abantwana abekho Kanye namakhosikazi, abe esethi uMsholozi cha, abalutho labantu, abahlanganise nesizwe samaNxamalala benze isizwe esisodwa.
Umlando usitshela ukuthi uMsholozi wayesebenzisa intelezi yakhe yempi enzima kakhulu eyayihlala entabeni, yayaziwa nguye kuphela okwathi uma kuzophuma impi wayaye ahambe ayouinyakazisa lentelezi entabeni bese ebuya eyikhipha impi. Kwathi uma eseyikhombile ukuthi uyayikhipha impi ngelanga elithize, kanti lamabutho kaDingane ahlezi ambekile afuna ukubona ukuthi uwathola kuphi lamandla amangaka okunqoba izizwe. Kusho ukuthi ngobuningi babantu babengeke bagadwe beluswe ngoba sebefike bangena emdibini nje, kanti bagade uMsholozi. Wahamba ke uMsholozi eya entabeni eyonyakazisa intelezi yakhe , kanti sebemqemekele, bambona ukuthi nangu eyoshona le phezulu kwentaba, base beviva la angeke aze ababone khona. Wayinyakazisa uMsholozi intelezi yakhe, njengoba uma bemuhasha bathi:
“uMsholozi akatshelwa ndaba
uthi ungamtshela indaba isehawini
umvincana zolonto
umphandukazi wokusambela
abadla imvici zakoMkhize”
Wathi uma eqeda ukuyinyakazisa intelezi yakhe uMsholozi, uma esebuya bamvukele khona lapho entabeni bambulale uMsholozi ngokuphazima kweso. Zasala zibuzana zodwa izinduna ukuthi uMsholozi ubeyonyakazisa intshintshisi yakhe manje lutho ukubuya. Bese zikhipha amabutho ukuthi ahambe ayobhekwa uMsholozi. Uthi umlando bamfuna baze badela abamtholanga.
Ukuphatha isizwe akugudu lona elikwenza ubone kaluvindi, ucabange kafushane. Umbuso ufuna iso elide nelibukhali elibuka ngankalo ekudeni nxazonke ngesikhashana esincane nje. Ngaleso sikhathi sebazi kahle lamabutho kaDingane ukuthi sebesebenzile babaleka babheka emuva bayotshela iNkosi uDingane ukuthi sesiwenzile umsebenzi wembangi yakho. Kwavele kwasikhanyela bha kuhle konyezi lwamagceke aseMthonjaneni isizwe samaNxamalala ukuthi lamabutho abekade ezocela indawo iwona athumbe noma abhile uMsholozi. Kusho ukuthi kuzomele kubuyiswe iNkosi uLugaju lapho efihlwe khona, ngoba selibashonele ilanga (uMsholozi) usekhotheme uMsholozi. Kuyaye kuthi abantu uma bezikhulumela nje, bathi uMsholozi wadliwa izinja zakhe, noma bathi uMsholozi useziswini zezinja zakhe. uMsholozi kwakuyingqibi, wayekukhonzile ukuzingela. Kwathi besahleli khona lapho kwaqhamuka ismaku senja siphethe ithambo, bamangala abantu ukuthi leli thambo elimhlophe kangaka? Base bebiza bonke abantu esigodweni ukuba bazobona lesimaku naleli thambo. Leli thambo lifana nonyawo lomuntu okwaze kwaholela ekutheni babize nabesifazane bazobona lomhlola. Kuthiwa wathi efika uMaMkhize wathi nali ithambo lomntwana wami, unyawo lukaMsholozi. Kwase kuvela noma kwakheka kanjalo ke ukuthi uMsholozi wadliwa izinja zakhe ngoba nali ithambo eselibonakala liphethwe isimaku, kanti uMsholozi wagilwa amabutho kaMbomboshe omnyama uDingane. Uthi ke umlando basuka abantu bakwaZuma eMgungundlovana bayokwakha eMshwathi, okwathi besalapho bathusana nabelungu, kulabobelungu kwakukhona uSomstwewu lo wayekhuluma isiZulu. “Awu nina bantu bakwaZuma seni la eMshwathi futhi? Angithi sanikhuza sathi hambani la ningiphinde nize la endaweni zabelungu, uma nje ngaphinda nganibonanje lasengiyonidingisa” Kwabaphazamisa ke kakhulu lokho futhi abantu bakwaZuma , kwafanele ukuba basuke la eMshwathi, basuka bafudukela eSweetwater, ngaseNkosini yakwaZondi. Uma besahlezi ke eSweetwater, uthi umlando kwasuka abafana beyozingela, sebakhile abantu bakwaZuma sekukuhle. Babuya nechwane lo Mdlambila inyoka, babuze abantu abadala, niyithathe kuphi lenyoka? Siyithole esikhaleni lapha ehlathini. Awu lenyoka uMdlambila? Ikhehla elidala eliyaziyo lenyoka lithi, “Sizobhubha siphele la, amaNxamalala azobhubha aphele lenyoka inolaka kabi asithutheni siphele la” Inyoka izomlandela umntwana wayo, ifike ibhubhise isiqede, asithutheni! maNxamalala. Bathutha ke lapho abantu bakwaZuma bayokwakha eCedara. Baze bayokwakha naseMpophomeni, kwaGobole nganeno kwedamu, okwathi besahlezi lapho kwafika abelungu, umlungu ke owayephethe lendawo uGuy. Isizwe samaNxamalala safika naye iNkosi uLugaju kaMatomela la eMpophomeni, yahlala isikhashana yakhothama inkosi uLugaju. Idlinza lenkosi uLugaju kaMatomela liseplazini thizeni kwaNogqaza.(eHowick) kwabe sekubusa inkosi uMafahleni 1889, wabe esefika lomlungu lo uGuy, wathi nifunani la ngoba indawo yabelungu le? Phumani niphele la, uma ningafuni sizofika la sikuthathe nabantu bakho siyokulahla la sithanda khona. Kwabe sekungukuqala komlando weNkosi uMafahleni. Wasuka kwaGobole wanqamula waze wayofika eNcwadi, wafikela kwiNkosi yakwaNgcobo, uMzonjani Ngcobo, wabe esekhuphukela kwaMbokodwe, ungakawuweli umfula uMkhomazi wathi esakhuphuka wabe esethola isizwe samaNgwane lesi esikhona manje phesheya koMkhomazi.
INkosi uMafahleni wasixhosha isizwe samaNgwane wasiwelisa ngaphesheya koMkhomazi. Sahamba njalo isizwe samaNxamalala, uthe uma enganeno nomfula uMkhomazi ngakwa Brooks, isitolo somlungu wafica iNkosi yakwaDumisa uDuma, wathi kuDuma wendoda ufunani la, hamba phesheya komfula indawo yami le. Uthi umlando ke wahamba njalo uMafahleni waze wayongqinda ngoNdi, konke la ko mahlitshini, Lotheni, Mthulini (Mooi River) wayithatha yonke lendawo kwaba yisizwe samaNxamalala, eMtshezi, Winen naseHowick waze wayongqinda nge Mpophomo, kwaNogqaza. Emva kwalokho bahamba beyofuna indawo yokwakha, bahamba ke baze bafika bathola indawo enhle ngaphansi kwentaba iMpendle, kusayisendle ingakabizwa ngeMpendle lendawo eyayiyinhle ukuthi angakha khona anethezeke. Bafika bayiqamba igama bathi kuseNguga, ngoba lo sekuzobangumuzi weNkosi yokugugela. Izinduna zenkosi zabuya zayibuka lento ngeso elibukhali yokwakha ngaphansi kwentaba ukuthi ayilungile impi ingaphisela noma kunini beseiyibulala iyiqeda bengayibonin ukuthi iqhamuka ngalaphi, wabe esethi umfowabo, cha Ndabezitha sicabanga ukuthi uhlehle wena lapha uye ngaphesheya komfula iNzinga sizofika sikwakhele khona umuzi wakho. Wayesethi uMafahleni ngizoyishiya ke lendlu yokugugela inkosi, indlu kaLugaju encane. Washiya abafowabo ke uMafahleni ngalenkathi ewela eyokwakha phesheya kweNzinga eSqingini. Kulapho ke lakukhona khona inkosi ebusayo njengamanje uSimphiwe Kwazini Zuma.
Ubukhosi bamaNxamalala bulana endlini encane la kuzalwa khona iNkosi uLugaju. Lendlu kaMongameli uGedleyihlekisa izalwa uMsholozi inkosana kaMatomela la kungekho khona ubukhosi.
Ubukhosi baseNkandla
Inkosi yakwaNxamalala ebusayo eNkandla, uBhekumuzi Zuma ezalwa uVusumbango Zuma kaNdukuyakhe ( uNdukuyakhe, umfowabo Gcinamazwi) uGcinamazwi Zuma uzala uGedleyihlekisa Jacob Zuma. uMnyakanya uzala uNdukuyakhe benoGcinamazwi. uMnyakanye Zuma uzalwa uMsholozi (Inkosana) Zuma, kaMatomela Zuma, kaShisa Zuma, kaMagebhe Zuma, kaMdlovu Zuma, kaZitho Zuma, kaMaphume’phethe Zuma, kaDzana Zuma, kaZuma.
Ubukhosi baseMpendle
Inkosi yakwaNxamalala ebusayo kusukela eSweetwater, uza nganeno kuze kuyofika eMpendle. Igama lomuzi kukwaZonda Ehleka. uSimphiwe Kwazini Zuma, ezalwa uNkantshamela “John” Zuma, ezalwa uMconjana Zuma, kaMafahleni Zuma, kaLugaju Zuma, kaMatomela Zuma, kaShisa Zuma, kaMagebhe Zuma, kaMdlovu Zuma, kaZitho Zuma, kaMaphume’phethe Zuma, kaDzana Zuma kaZuma.
Kunemizi eyakhiwa ngaphesheya kweNzinga lapho sithola khona ukuthi kukhona imizi yamadodana kaMafahleni, kukhona umuzi oseNhlonhlweni, kubekhona umuzi waseNdideni, umuzi waseNdideni uhlukene kathathu, kukhona owokuqala bese kuba nowesibili Kanye nowesithathu, kulowesithathu ila kukhona khona unkosikazi omdala kaMconjwana uMaCele.
Ukulandelana kwamakhosi akwaZuma :
Zuma wakhothama 1699
Dzana Zuma wakhothama 1717
Maphume’phethe Zuma wakhothama 1735
Zitho Zuma wakhothama 1753
Mdlovu Zuma wakhothama 1771
Magebhe Zuma wakhothama 1789
Shisa Zuma wakhothama 1807
Matomela Zuma wakhothama 1825
Lugaju Zuma wakhothama 1889
Mafahleni Zuma wakhothama 1921
Mconjwana Zuma wakhothama 1964
Nkantshamela Zuma wabusa 1974 wakhothama 1998
MaChonco Zuma (Nkkz) wabamba 1999-2004
Simphiwe Kwazini Zuma Inkosi ebusayo kusukela 2004
Uma sekuhlanganiswa amaNxamalala laba baseNkandla bafika eMpendle bephethe izinkomo ezintathu, eyokuqala kwakungeyokwakha uxolo nokukhumelana umlotha yahlatshwa ngaphandle komuzi ayingenanga emagcekeni yathatha yadliwa abantu baze bahamba nayo. Kodwa umuntu okungowakwaZuma angalinge ayilokothe ayidle. Lezi ezimbili base bengena nazo ekhaya nomndeni wamaNxamalala wabahlangabeza ngezinkomo ezimbili bemukelwa ngazo ekhaya indlu kaMsholozi eNkandla.
Umlando uphinde uthi sekuyavela ukuthi kunesizwe samaNxamalala esisemaMpondweni, yingakhoke uma beyihasha kanje inkosi uLugaju bathi, “Isikhukhula sikaNdaba esakhukhula amadoda sawabhekisa emaMpondweni” iNkosi uLugaju, “ ukuthi sikhona isizwe sikaMdlovu esikeMsinga ePomoroi, isizwe sikaMangcengeza sise Elandskop, nesizwe sika Mafahleni sise Nguga naseNzinga.