Ngicela incazelo yalesaga esithi “Ingwe idla ngamabala”?
INGWE – Lapha kukhulunywa ngeKati lasendle. Ingwe isilwane esincamashi nekati inkinga sona sihlala endle kanti futhi sidle ngobukhulu kunekati lasendlini silinganiselwa ebhubesini. Sihlobile ke lesi silwane sinamabala amahle emzimbeni angamagqabhagqabha.
Idla ngamabala makwenzenjani?
Ngenxa yobuhle bomzimba wayo ngenxa yamabala asemzimbeni iya ke isebenzise wona ukulutha izinyamazane mangabe izingela.
Iyake ilale phansi okanye icuthe izinyamazane zizilethe zona zihehwa amabala ayo ingwe kanti sezizithela kunoxhaka.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Umuntu usebenzisa anakho okuhle ukudoba, ukuheha okanye ukuzuza lokhu akudingayo.
Zulu Proverb: Ingwe Idla Ngamabala.
Meaning: a person makes a living off his or her talents.