Ngicela incazelo yalesaga esithi “Inkunzi isematholeni”?
INKUNZI – Lapha kukhulunywa ngenkomo yesilisa ekhaliphile futhi enamandla.
AMATHOLE – Lapha kukhulunywa ngesigaba lapho inkomo yesilisa isencane kepha isiphumile ekunceleni ubisi isizidlela yona utshani.
Inkonyane – inkomo esancela
Ithole – esishiya isgaba sokuncela esiqalile ukudla utshani
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Ikusasa eliqhakazile lisentsheni.
Akukwazi ukuba nendoda umfana engadodiswanga. Asifundeni ukunakekela intsha ngoba iyona obaba nomama bakusasa. Lapha sikhuluma ngabaholi bezwe bakusasa, odokotela nakho konke okunye ungakucabanga kuyovela kwintsha.
Ikusasa lisezandlen zentsha phela inkunzi iqale nayo ibeyithole bese indlulela ebunkunzini
Ikusasa likubantwana ngakho kumele bakhuliswe kahle ukuze babe ngabaholi abaqotho
‘the bull is among the calves’. This Zulu idiom means that the leaders of tomorrow come from the youth.
Siyabonga kakhulu. Nibusisiwe ngokusenabela ulwimi lwethu ngaloluhlobo.