Bengifisa ukwazi ukuthi kusho ukuthini lokhu okulandelayo : Insimba ibanjwa amagoda esebolile
Asiqale ngokuthi yini insimba
Insimba yisilwane sasendle esithi asifane nekati sinamabala amahle kanti iskhumba sayo kwenziwa ngaso imvunulo. Insimba ayikudli okunegazi yingakho uma uyicuphe ngenyama iyayilinda kuqala ibole ngaphambi kokuba iyidle.
Yini amagoda?
Amagoda lapha kushiwo lokho kudla umcuphi asuke ecuphe ngakho esifeni noma emgogeni lowo. Lokho kudla noma lawo magoda insimba iwadla esebolile.
Sichazani lesi saga?
Lesisaga sichaza ukuthi noma ungabaleka uthi galo yephuka kepha uyogcina ubanjiwe, njengayo insimba egcina ibanjiwe kulowomgoga esuke icushwe ngawo. Sisebenza kumuntu ophunyukayo akhone ukubaleka uma into iseyintsha kepha kusuke kwaziwa ukuthi isigcino cha yena uzogcina ebanjiwe kumnyama kubomvu.