INTAKA – Lapha kukhulunywa ngohlobo oluthize lwenyoni olukhonze ukuhlala phezu kotshani lobu obumila bube bude bube namakhanda(Incazelo yethu KwaZulu le). Kunenkulumo mpikiswano ke ukuthi kwaXhosa alihlukanisi leligama kepha lichaza lonke uhlobo lwenyoni.
AMAZOLO – Lapha kukhulunywa ngamanzi okanye ngobumanzi obudalwa ukubanda kwase kubusuku obubambelela otshanini.
Intaka ke ngenxa yokuthi iyazi ukuthi utshani bunakho ukufukamela amanzi iyake njalo izohlala otshanini ibe isiphuza amazolo ingabe isaya emfuleni njengezinye izinyoni. Ngenxa yokushintsha kwenkathi nokuthi ayiqondi kahle lamanzi abakhona nini ngisho emini kaBha uyake uyibone ichwakele ingqofa utshani inethemba lokuthi kukhona engakuthola kanti lutho amazolo kade ashabalala.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Usuke uzobusa usuhlelwe kahle konke kumi ngomumo kulinde wena.
Incazelo= akwaziwa ukuth iyona yiph eyodla umdlanganiso ngob zonke zibonakala zikulangazelele ukunqoba