Ngicela incazelo yalesaga esithi “Intendele ibindwe isidwa”?
Intendele yinyoni. Le nyoni ibomvu ngokuzothile ngokwebala. Itholakala endaweni esehlanzeni nokuyilapho abafana abavamise ukuyicuphela khona ngezife. Isidwa uhlobo oluthile lotshani. Abanye abantu babusisebenzisa uma bephalaza. Intendele ibindwa yisidwa uma idla ishesha ngenxa yezimo ezithile.
Empilweni yabantu lesi saga sichaza ukumangala nokuphelelwa ngamazwi ngenxa yokwethuka noma ukumangala ngenxa yento obungayilindele. Futhi singachaza ukuthi ukuhlakanipha kuyaphela kodwa ubulima abupheli.
Lesi saga sisetshenziswa uma umuntu ethula ngenxa yokuthi bonke
ububi noma ukukhohlala kwakhe sekuvezwe obala. Singaphinde
sisetshenziswe ukuchaza umuntu ozithola ephelelwa yizimpendulo
maphakathi nengxabano.