Sisho ukuthini lesaga esithi Liwashaya evuthiwe?
Anonymous Answered question April 21, 2021
Lesi saga sichaza into eqale yeza kahle kuthi kusenjalo bese yonakala ekugcineni. Kuhle ukuthi umuntu ahlale eqaphe ingozi ngaso sonke isikhathi. Kwakunomuntu owayetshale amabele ensimini yakhe, ayemahle futhi ethelile, nabantu bewahawukela ngapha nangapha.
Kuthe kusenjalo izulu lana lashaya isichotho esawavithiza wonke amabele ensimini. Nakuba ayeqale kahle lamabele kodwa isiphetho sawo saba sibi kakhulu. Ngaleyo ndlela kwabe sekuqambeka lesi saga esithi “liwashaya evuthiwe” Amabele
Anonymous Answered question April 21, 2021
Lesaga sisho ukuthi into ike yonakale yize senethembile ukuthi ilungile
Anonymous Answered question April 21, 2021