ISIKHUNI – Lapha kukhulunywa ngokhuni oseluhangulwe umlilo oluvuthayo.
UMKHWEZELI – Lapha kukhulunywa ngomuntu okunguyena olawula ukuvutha komlilo. Imvamisa uyena odala ukuthi umlilo ube sezingeni elifunakalayo ukuze ibhodwe eliseziko lisheshe livuthwe noma makothiwa umlilo ube mukhulu ngokwanele ukuphephebeza amakhaza.
Sibuya kanjani iskhuni ngomkhwezeli
Mangabe ungumkhwezeli umonakalo owenzeka emlilweni uqala ngawe. Ngesikhathi ukhwezela uhlanganisa izinkuni kuyenzeka isikhuni obusibeke phezu kwesinye sishibilike sibe sesishisa wena okhwezelayo.
Qaphela: Kuyenzeka umlilo ubaswe omunye kodwa ukhwezelwe omunye ngaleyo ndlela umubasi wawo akabi nenkinga ngoba usuke eseqhelile kuwona.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni
Umbhebhethekisi wodweshu uyena ojwayele ukuba nenkinga, zinakho ukuthi zinethe yena. Hlukana nokuba umthuthi wezindaba ngoba uwena oba senkingeni abanikazi bazo izindaba lezo basuke bengasahlangene ususele wedwa. Umuntu onguqhathizwe ikakhulukazi uyena oba nenkinga.