Ngicela ukuchazeleka umehluko phakathi kwesiko, usiko nosikompilo?
Isiko (olwesizwe)
Yinto eyenziwa yisizwe esithile sonke ngokuhlanganyela. Njengokulobola uthathe umfazi, thina kwaZulu. Indoda yomZulu ayimthathi umfazi ingavelile ekhweni. (Noma-ke ilobolo lanamuhla selaphendukezelwa, lingasenziwa ngqo njengesiko lwakithi kwaZulu. Selaba samkhutshana nje nami engingasawuqondisisi kahle.)
Usiko (olwezibongo)
Yinto eyenziwa isibongo/izibongo ezithile. Usiko lwakini angeke lufane nolwakithi. Isibongo nesibongo sinosiko lwaso, abanye bayagcaba, abanye banquma ucikicane, njalonjalo.
Isikompilo (olwezigodi)
Isigodi nesigodi sinendlela yaso yokwenza izinto, kepha kuyenzeka ludlulele lufane ezigodini ezahlukene ngenxa yokuthi umkhuba uma umuhle nabanye bayawuthanda bawuthathe bawuqhube ngakubo ugcine sewandile ezigodini eziningi. Kepha lokho kuhlala kuyisikompilo hhayi isiko! Njengokuthi uma kubekwa umuzi omusha bese umphakathi uyosiza abanikazi bomuzi, lokho kuwusikompilo lwezigodi ezithile ngoba kwezinye izindawo alwenzeki.