ISINA – Lapha kukhulunywa ngomuntu osinayo. #Ukusina uhlobo lomdanso wesintu lapho kuphakama khona unyawo lubuye lusho phansi. Ukusina ke akukhona ukuphakamisa unyawo kphela kepha kuhambisana nomoya enye yezindlela zokuxhumana namathongo, ingakho izangoma ziyikhonzile ingoma, ukugida nokusina ngoba phela nazo zavela engomeni “isina ngoma” isangoma.
Libukwa makwenzenjani ke isina muva
Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi mangabe sekuvalwa indlamu lo osina kangcino wonke amehlo asuke esethe njo kuyena ngenxa yokuthi sekuyaphela manje usuke ebhekekile ukuthi uzokwenza kahle yini.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni
Ungakukhaleli ukuthi izinto zakho zihamba kancane abanye abantu bayaphumelela nhlangothi zonke ngoba luyeza olwakho usuku wonke amakhanda ayophenduka ababaze wena.