Unkombose yijuba elincane kunawo wonke amanye amajuba. Leli yijuba elihlakaniphile. Zehlukene izinhlobo zamajuba kukhona ijubantende (elidla amabele), nehobhe leli elikhulu, bese kuba unkombose.
Umcuphi wayecuphe unkombose, kwaphela isikhathi eside engawubambi, ngelinye ilanga wacupha wase eyacutha budeduze ukuze abone ukuthi yini edala lokho. Nangoke unkombose eseqhamuka eziphathele indukwana encane nje ngomlomo wafike wahlokoloza ukudla waseqhasha maqede lawa itshe lagxoba ubala, unkombose wasina wazibethela ekudleni washaya esentwala. Umcuphi wasala ebambe ongezansi lapho ebona le nyoni ecabanga njengomuntu wajokola, wageza izandla.
Lesi saga sisuselwa kumlozi wayo le nyoni eyabe ixwayisa amajuba ithi : “majuba niyizithutha aniboni ngani ukuthi itshe limi ngothi nkomose kababa”. Nebala sasunguleka kanjalo lesi saga ngokusebenzisa udlebe kwezingcithabuchopho ukulalela lo mlozi kankombose. Lesi saga sichaza ukuthi > nakuba kubukeka kuheha kodwa qaphela kunobungozi.
Izinyoni lapho zicushwa ngezimfe kufuneka inhlava, inhlwabusi, noma okunye okungahawukelwa inyoni. Lokhu kudla kubekwa phakathi nendawo othini oluseke itshe ukuze ithi ingathi iyathinta inyoni liwe itshe iciphezeke ife noma ilimale. Umcuphi wesife uma eseyobhekela, noma eseyokondla uyofike agiye! Isife yitshe leli eliyisicaba okusuke kucushwe ngalo. Ake ngime khona lapha Zulu omnyama kaMalandela ngokulandela izinkomo zamanye amadoda.
Ilapho Kunengcuphe/Ugcobho umuntu Kunogibe Ongase Ungene Kulo ! Sisuselwa Ekucupheni Lapho Kucushwa Ngetshe Kumiswe Ngothi Zithi Ziyabhuduzela Ziyadla Izinyoni Ziphazamise Kuwe Bhu Zimbozeke