Kusuke kushiwo ukuthini uma kuthiwa “itshe selomele inhlama”?
Lesi simo sokukhuluma sisetshenziswa uma kukhulunywa ngokungabibikho kwento noma umuntu……
Kususelwa etsheni lokugaya
Uma ngabe kugaywa itshe lisuke lisebenza lisalele inhlama. Uma itshe lingasasetshenziswa inhlama iyomelela etsheni okusho ukuth akusekho okuyogaywa. Yingakho nomuntu mayethole kungekho bantu athi ngithole itshe lomelele inhlama.
Umuzi nomuzi wawuba netshe lokugaya. uma sekungasekho muntu noma kungasahlali muntu kuloyo muzi itshe lalisala lomelele inhlama yalokho okwagcina kugayelwe kulo ngoba lingasenakusetshenziswa muntu.
Inhlama ngummbila omusha ogaywe etsheni, uma itshe selome inhlama kusho ukuthi akusekho muntu ogaya etsheni, akusekho muntu osebenzisa lelotshe.
Yingakho uma ungaficanga muntu emzini womuntu uzwe abantu bethi “ngifice itshe selomele inhlama”