izimpawu ezichaza ukuthi kungenzeka ube nesifo socansi
-Ukushisa kanye nokuncinza lapho uchama.
-Ukuphuma koketshezi emthanjeni wokuchama.
-Ukuphuma koketshezi esithweni sangaphansi kumuntu wesifazane.
-Ushintsho esithweni sangasese. Okufana nezilonda, amaqhubu aqinile noma imila, ukuluma noma ukuvuvukala kwemithambo kanye nesitho sangaphansi kumuntu wesifazane.
-Ushintsho oluveza izindlala, ukuvuvuka kwezindlala noma izilonda, uketshezi olusabomvu oluphuma ezindlaleni. Lokhu kungahambisana nobuhlungu noma kungabi nabuhlungu.
-Ushintsho oluzungeze isitho sokuzikhulula.
-Ubuhlungu ezindaweni ezingezansi kwesisu.
-Amaquqhuva ayizinhlobo ezehlukene.
-Ukuphatheka kwezinye izingxenye zomzimba okuhlanganisa amathambo, amajoyinti, inhliziyo, imithambo yegazi kanye nemizwa yonke esemzimbeni.