Sanibona, bengisacela ukubuza ukuthi iziphi izimpawu zesifo senhliziyo?
uchwepheshe Answered question July 12, 2020
Izimpawu zesifo senhliziyo
- Umuzwa wokungaphatheki kahle wokucinana, noma ubuhlungu esifubeni othatha isikhathi esingaphezu kwemizuzu embalwa. Ngephutha umuntu angase athi isilungulela.
- Ubuhlungu obungase budlulele noma bugcine kuphela emhlathini, entanyeni, emahlombe, ezingalweni, ezindololwaneni, noma esandleni sesinxele.
- Ubuhlungu obuthatha isikhathi eside esiswini.
- Iphika, inzululwane, ukuquleka, ukujuluka, noma umswakama lapho uzithinta.
- Ukukhathala, kungase kube khona emasontweni amaningi ngaphambi kokuhlasela kwesifo.
- Isicanucanu noma ukuhlanza
- I-angina ehlasela njalo engabangelwa ukukhandleka komzimba
Izimpawu lezi zingase zihluke kusuka kwezingenamandla kuya kwezinamandla futhi akubona bonke abahlaselwa isifo senhliziyo ababa nazo zonke. Kodwa uma kunenhlanganisela yanoma yiziphi kulezi, thola usizo ngokushesha. Nokho, kwezinye izimo akunazimpawu, lokhu kubizwa ngokuthi isifo senhliziyo esingabonakali.
uchwepheshe Answered question July 12, 2020