IZINTABA – Lokhu ukwakheka komhlaba lapho kunezindawo eziphakeme ezinyukelayo ezingaqwaleki kalula imvamisa zakheke zaba itshe/ilitshe.
UKUHLANGANA – Lapha kukhulunywa ngezinto ezimbili noma ngaphezulu ezikwazi ukusondela zingenelane okanye izinto ezimbili ezikwazi ukusuka endaweni ezikuyo ziyobonana okanye zithintane sezikwenye indawo.
Sisho ukuthini lesaga?
Izintaba azinazinyawo azikwazi ukuhamba kepha umuntu unazo izinyawo zokuhamba ungabona umuntu KwaZulu Natal namhlanje kusasa umubone eKapa ngaleyondlela ke nibe senihlangene ngoba senibonana kwenye indawo.
Sisebenza kanjani ke empilweni lesaga
Umangabe umuntu ethi IZINTABA AZIHLANGANI KODWA ABANTU BAYAHLANGANA kusuke kungemnandi usuke ekusongela lowomuntu ukuthi uyokubamba ngelinye ilanga ngenxa yesenzo osenze kuyena ngenxa yokungabi nawo amandla okuziphindiselela ngaleso sikhathi.
Usuke usongelwa. Kahle kahle usuke ethi lowomunt “One day they shall meet”