Izithakazelo zakwa Bhebhe/ Bhebhe Clan Names / Bhebhe Praise Names
UDlomo uyisende likabani kwamhlongo?
Makhedama
Soyengwase
Nina bakaBhebhe kaMthendeka
Nina bakaSoqubele onjengegundane
Nina baseSiweni
KwaMpuku yakwaMselemusi
KwaNogwence webaya
Dlomo weNdl’ende
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku
Zingwazi zempi yakwaNdunu
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka
Yatholakal’onyakeni wesine
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa
Langeni
Owavela elangeni
ngokuzwa kwami kushiwo Maziwayinkosi besho ngoba unina kaShaka wayeyendele esikhosini yikho ukuthi Maziwayinkosi uyaziwa or shall l say wayesaziwa esikhosini asazi njalo ukuthi owangitshelayo wayeqinise kanganani
Manje uMaziwa yinkosi ungena kuphi lana. Ngoba ngiyazi abako Bhebhe ngoMaziwa.