Izithakazelo zakwa Gebashe / Gebashe Clan Names / Gebashe Praise Names
Thina singamaGawu singamaHlavule amahle angafanelanga kufa afa ngephutha amaQwele abasehala abehla ngesilulu,abakwamaFunza afulele ngomncela wanetha,abakwanongidi inyoni ayosiwa ngoba iphelela eziko,obhongobhongo onganethwa osibayasikhulu okanonyewu “Gawu,Hlavule”
Gebashe, Mnguni, Gawu, Hlavule, Qwele, Mafuza, fulela wen’ owafulela ngomngcele wanethwa, wafulela nangobhongabhonga kwahluka, shabangu, bantw’ abahl’ abanconyw’ abantu bedlula ngendlela, nina bakwangidz’ ayiphekw’ iyosiwa mayiphekw’ iyovutshwa kudzala sesifile yindlala. Gawu.
Ithi ngingenele Gawu. Gebashe, mnguni, mafuz’ afulele, owafulela ngomgcele kwanetha, Hlavule, Gawu. Aphi amajaji mahlavule? Ngishiyeni la!!! #encuma kancane#
Izithakazelo zakwa-Gebashe:
Gebashe,
Ndimande,
Mzulwini,
Shozi,
Dumisa,
Mlokothwa!
Hlombe Chiya wohlanga Galweni Sodladla akadli muntu udla omdlayo kuphela Gubudzela waseLuqe owagangada indonga kwavela indlela bakhamba abantu wayokhambe ‘gxeni Nzelemu owawela umfula iNgwangwane eyayingawelwa ihlamba amagwala Cwangucwangu Mthwa undibone Ndiphi? wena obabheka udlile owathunde ‘nkundleni kwavela amathokati wena WoHlanga!!!
mnguni hlavule gawu qwele mafuzafulele ngomngcele wanetha ngcaweni omhle biza abantwana bangenendlini bangahlali phandle ngoba bazadlula naba hambi bendlela nina bakwa shabangu owehla ngesilulu kweliphezulu ephethe igolide nesiliva ngezandla usomjalimani owehlula izinduku zabathakathi nezaba fokazana zithi ziyamsoconga