Izithakazelo zakwa Gumbi / Gumbi Clan Names / Gumbi Praise Names
Izithakazelo zakwa-Gumbi:
Gumbi,
Skhende,
Jele,
Mlotshwa,
Ngubo yengwe.
Somkhanda,
Wen’owakhanda amadoda,
Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke,
Ntongande,
Mdakane,
Mehl’enkomo,
Ntini,
Nozingelayo,
Ndandali,
Wena kaNgoni,
Somkhanda kanomo,
Ndandayi,
Sguguda senyathi wena kakhokhozela njengeqhinakazi,
Msimbithi kawuwelwa,
Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi.
Abanye bathakazelo kanje:
Gumbi,
Malandela,
Qwabe kaNozidiya,
Wena kathambo limanephu.
Ngikhukhuze ngadinwa nganikela injakazi , injakazi yananela.
Oyiya kobanani umqwakuve wenkobe ezilukhuni.
Ingcoyingcoyi lephuza kwezinde iziziba,
Ingaphuza kwezimfushane inganqundeka umlomo.
Nina bohlanga olukhulu lwaseMhlathuze phansi emathefuyeni.
Nina bakaMabamba eyekelela njengodlawu.
Unomasikisiki inyoni esindwa isisila sayo.
Umudla luhlaza njengemamba yasethelezini.
Inkosi bayithume ezansi inkiyankiyana kanje ilahleka lapha inga ibikwaphi.
Umchoboza nyongo besayiphanyekile.
Zithizingadla ziyikhumbule.
Mqanda kaNdabezitha.
Gwaza kananzi.
Skhende,
Jele,
Ngubo yengwe.
Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke,
Ntongande, Mdakane,
Mehl’enkomo, Ntini,
Nozingelayo,
Ndandali,
Wena kaNgoni,
Mlotshwa!
Skhende
Jele
Ntini
Ngubo yengwe
Somkhanda, wena owakhanda amadoda
Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke
Ntongande
Mdakane
Mehl’enkomo
Ntini
Nozingelayo
Ndandali
Wena kaNgoni
Mlotshwa!
Ndanday
Mehlwenkomo
Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi
Siguguda senyathi
Wena kaKhokhozela njengeQhinakazi
Msimbithi kawuwelwa